KULOKHU ingosi ikulethela umfundisi obuye abe ngumelaphi wendabuko ozakhele igama ohlelweni iZangoma Zodumo. Igama lakhe nguSabelo Sifundza. Uphinde azwakale nakwiGagasi FM kwisigatshana iNdaba yesintu. UNKOSIKHONA CELE uxoxe naye kabanzi ngezindaba zezenkolo.
NC: Ngabe likhona ibandla okhonza kulona uma likhona usunesikhathi esingakanani ukulona?
SS: Yebo, ngiyilungu lokuqina lebandla laseZayoni elibizwa nge-The Christianity Youth Church of Zion. Senginesikhathi ngikhonza kulona futhi kuningi okuhle engikuthandayo ngalo.
NC: Ngabe ungumuntu okholelwa kangakanani emandleni omkhuleko futhi kweyakho impilo usho ukuthini umkhuleko?
SS: Kimina umkhuleko uyinto emqoka kakhulu ngoba njalo uma ngimnxusile uNkulunkulu ngokuthile, uyangibusisa ngakho. Ngakho ngikholwa ukuthi umkhuleko unamandla amakhulu kweyami impilo.
NC: Uma ubheka impilo yakho ngeso elibanzi ngabe yiziphi izinto ezimbili osuzizulile ombonga kakhulu uNkulunkulu ngokukubusisa ngazo?
SS: Okukuqala nje, ngithanda ukumbonga kakhulu uNkulunkulu ngokungibusisa ngesiphiwo sokwelapha abantu. Okwesibili, ngithanda ukumbonga ngokungigcinela umndeni wami.
NC: Eminyakeni emihlanu kumbe eyishumi ezayo yini into eyodwa okhulekela ukuthi uNkulunkulu akubusise ngayo futhi isho ukuthini kweyakho impilo?
SS: Ngikhulekela ukuthi uNkulunkulu angibusise ngemali eningi ngoba ngikholwa ukuthi ibalulekile ukuze ngikwazi ukunakekela umndeni wami.
NC: Ngabe sikhona isimo esinzima oke wabhekana naso empilweni yakho esenza umbonge uNkulunkulu ngokukugcina ngesikhathi ubhekene naso futhi kwakwenze njani?
SS: Yebo, ngake ngagingqika nemoto kodwa uNkulunkulu wangihlenga. Namanje ngisambabaza kakhulu ngalokho angenzela khona.
NC: Ngabe likhona ivesi elilotshiwe embhalweni ongcwele olithandayo nelikunikeza amandla uma ulifunda. Uma likhona litholakala kuyiphi incwadi futhi lisho ukuthi kuwena?
SS: Yebo, ngithanda kakhulu ivesi elitholakala kuMahubo 53 VS 5 elikhuluma ngokuthi uyisiwula umuntu ocabanga ukuthi uNkulunkulu akekho. Kimina leli vesi lisho lukhulu yingakho ngithanda nje ukulifunda ngoba ngiyakholwa ukuthi uNkulunkulu ukhona.