UKHALA ngabantu abagxambukela ezindabeni zakhe uBheki Langa obe ngundabamlonyeni kubantu bakuleli ezinkundleni zokuxhumana ngemva kokuthi evele ohlelweni uMnakwethu.
ULanga ozidalele amazinyo abushelelezi kubantu besifazane, uvele emasontweni amabili edlule kulolu hlelo olukhonjiswa kwiChannel 161 kuMzansi Magic ephelezelwe uMusa Mseleku eya kunkosikazi wakhe wokuqala uMakhosazana MaShelembe Langa, ngenhloso yokuthi acele ukuthatha unkosikazi wesibili, uHlengiwe Sithole.
Ekhuluma nentatheli yeSolezwe ngeSonto uthe, izinto zisahamba kahle phakathi kwakhe nomkakhe, inkinga ukuthi ekhanda lakhe (uMaShelembe) kusaduma iLadies House ehlose ukuchitha umuzi wakhe.
"Njengoba esazithwele nginqume ukuthi ngimyeke abe matasa nabo bonke laba abesifazane abathanda izindaba zabantu. Okwamanje akekho naseduze kwami. Ngimvumelile ukuthi ayohlala nonina njengoba ekulesi simo akuso," kuchaza uLanga.
Eqhuba uthe, yize engakuthandi okwenziwa uMaShelembe uyaqonda ukuthi ezinye izinto azenzayo nezinqumo azithathayo uzenziswa yisisu.
"Izinhlelo zami azikaguquki. Ngihlele ukuthi amakhosikazi ami ngiwakhele izindlu, sihlale egcekeni elilodwa ukuze ngikwazi ukuchitha isikhathi esanele nawo womabili. UMaShelembe akakasamamukeli isifiso sami kodwa ngeke ngiyeke ukuzama ukubahlanganisa noMaSithole," kuqhuba uLanga.
UHlengiwe MaSithole owacasula abalandeli bohlelo ngenkathi ezibiza ngensika yomuzi wakwaLanga, uthe wayengaqondile ukudelela uMaShelembe ngaleli gama kodwa laziqhamukela nje enkulumeni yakhe.
"Kwangifikela ukuphatheka kabi ngenkathi ngizwa izinkulumo eziningi zabantu ngemva kokuvela ohlelweni kodwa angizifakanga ekhanda lami izinto ababezisho ngami," kusho uHlengiwe.
Eqhuba uthe akazi ukuthi abantu bakuthathelaphi ukuthi yena wondla uLanga noMaShelembe njengoba engasebenzi.
"Ngiziphilisa ngokudayisa izinkukhu namaqanda futhi angimdlisanga uLanga. Empeleni sihlala eNquthu sonke futhi ngaqala ukuhlangana noLanga khona la endaweni," kusho uMaSithole.
Lesi siqephu sishiye iningi labesifazane lingagculisekile ngesenzo sikaLanga esikhomba ukungamhloniphi uMaShelembe owavela ezithwele ohlelweni.