UMYENI wesibili womlingisi ongasekho, uConnie Chiume, akalubhadanga enkonzweni yesikhumbuzo neyomngcwabo ecikwa ukungabandakanywa ngesikhathi kusahlelwa.
UMnuz David Joseph Jr, uzinze eMelika, ugcine esethumela umyalezo oyi-video njengabanye osaziwayo.
Umshana womyeni uKeela Dominick, utshele iphephandaba ukuthi umalume wakhe uphatheke kabi ngesenzo sezingane zikaConnie ngoba simenze wagcina engakwazanga ukuzovalelisela kumkakhe.
UKeela ube esethumelela iphephandaba izithombe ezinoConnie noJoseph nesitifiketi esiqinisekisa ukuthi bese beyindoda nomfazi ngokusemthethweni. Kuvele ukuthi uConnie ushade noJoseph Jr eLouisiana, e-US ngo-Agasti 26, 2021.
Ngalo nyaka uConnie wabhala, wabuye wacisha, ezinkundleni zokuxhumana, elila ngokudlula emhlabeni komyeni wakhe wokuqala, uMnuz Jerry Mabuza.
Yize uConnie eshiye emhlabeni abantwana abane, okungu-Itumeleng Chiume, uNolungelo Chiume, uThabsile Mabuza noNothando Mabuza kodwa ayikho ingane ayithola kuJoseph Jr.
UKeela uthe yilezi zingane zikaConnie ebezingafuni umalume wakhe abambe iqhaza ekuhlelweni kwenkonzo yesikhumbuzo neyomngcwabo, ebezise-Oasis of Life Family Church, eDaveyton ngoLwesibili nangoLwesine.
Enkulumweni ayenze nge-vidiyo eseDonaldsonville, eLouisiana, uJoseph Jr, uthe akalahlelwanga wunkosikazi kuphela kodwa ushiywe emhlabeni wumngani nengilosi.
Yize emlandweni kaConnie kubhalwe ukuthi washada noMabuza kusukela ngo-1985 kodwa bahlukanisa ngo-2004 kodwa uJoseph Jr uthe ubudlelwano bakhe bezothando noConnie baqala ngeminyaka yo-1980.
"Bekungakhathaleki ukuthi umkami ukuphi nezinkalo emhlabeni kodwa ubazi ukuthi uJoe uzobe khona. Njengani nonke, ngiphuke umoya. Ngiyothola ukududuzeka noxolo uma ngingazi ukuthi umkami ubengithanda...Sthandwa sami Connie, ngifuna wazi ukuthi ngifuna ukuba nawe namuhla kodwa yazi ukuthi uJoe uzokugcina, injabulo yakho nohleko lwakho, enhliziyweni yakhe. Ulale ngokuthula babe," kuphetha uJoseph owagcina ukubonana noConnie ngoNcibijane ngaphanbi kokuba umufi abuyele eNingizimu Afrika ezoqopha omunye umdlalo.
UKeela uthe enye yamadodakazi kaConnie yamazisa uJoseph ngezinhlelo zokufihla uConnie ngoMsombuluko owedlule kodwa bangambandakanya kuzo.
Uthe Joseph noConnie bebengamathe nolimu kangangoba bagcina ukuxhumana ngeFaceTime sekusele izinsuku ezimbili umufi ashone. UKeela uthe bewumndeni baphetheke kabuhlungu ngoba uConnie noJoseph Jr bebehlale bendawonye.
Imizamo yokuthola ukuphawula kokhulumela umndeni wakwaChiume, uMnuz Bonga Percy ayiphumelelanga ngoba wenqabile ukuphawula.
UConnie washonela esibhedlela saseGoli, iGarden City Hospital ekuqaleni kwenyanga emuva kokugula isikhashana. Ufihlwe ngokuhlonishwa wuHulumeni waseGauteng ngoLwesine.