Usinde ngokulambisa olingisa emdlalweni wethelevishini uRosemary Zimu. Ngokusho kwentokazi elingisa indawo kaPuseletso kuma-My Brother's Keeper, ibonga uNkulunkulu ngokuyihlenga kowesilisa obefuna ukuyithumba phesheya kwezilwandle ngoLwesibili.
Ekhuluma kwiTiktok, uRosemary (31), futhi ongumculi, uthe ubesenxanxatheleni yezitolo esedolobheni iFrankfurt ngesikhathi esinda ngokulambisa kumlisa mumbe.
Ubehamba efuna indawo yokugunda ikhanda, axhume izinzipho bese ezitika ngenyama yenkukhu echochobaliswe emafutheni.
"Ngiqale kwenye indawo yokugunda ikhanda kodwa kwathiwa ababagundi abantu besifazane. Ngishaqekile kodwa ngadlulela kwenye. Khona bathe ababagundi abantu besifazane abamnyama."
URosemary ukhale ngokuthi iningi labantu abebekule nxanxathela ebizwa ngeSkyline, abasiqondi isiNgisi. Uthe ngesikhathi esekwenye indawo yokugunda uqaphelile ukuthi kunomlisa omlandelayo kodwa ongathi vu kuye.
Uthe lo muntu uqale ukuba sezithendeni zakhe ngesikhathi ezongena kule nxanxathela athe icishe ilingane neMall of Africa.
"Ngisho sengihambile lapho kugundwa khona, ubelokhu esemuva kwami. Noma sengisendaweni yezinzipho akafunanga ukuhamba. Angazi kungani abelokhu engilandela. Ngize ngambuka, naye wangibuka. Sagcina sesibukana. Ngize ngambuka ngale ndlela yokuthi aqonde ukuthi kufanele ahlukane nami kodwa waqhubeka nokungilandela. Bengingafuni ukumemeza kakhulu."
Uthe wenziwe izinzipho kwaze kwaphothulwa, naye waze wakhokha lo mlisa elokhu emlindile.
"Ngibe sengithi angifonele isoka lami nge-videocall ukuze ngilazise ngale ndoda elokhu isemuva kwami. Ngibe sengiya komunye umgundi ngenhlanhla ubesiqonda isiNgisi. Ngimxoxele ngale ndoda enami shaqa, naye wagcina esesaba. Ngithe uma ngimkhombisa lo mlisa kodwa wazama ukucasha ngensika. Lo mgundi ungeluleke ngokuba sibize amaphoyisa."
Uthe uzamile ukufonela onogada kodwa kwabanenkinga yokuthi abasiqondi isiNgisi.
Uthe usuke kumgundi wazama ukuhlaba ngejubane, eyobiza imoto ezomhambisa esikhumulweni sezindiza kodwa nalo mlisa wakhuphula ijubane.
Uthe ugcine esezama ukucasha ngesitolo thizeni ukuze imoto imfice khona.
"Lesi sigameko singikhumbuze esinye esacishe sangehlela eminyakeni emithathu eyedlule. Ngangiyoqopha umculo emzini ka-SK kanti kuzothushuka abantu ababethi bafuna mina. Kwakuseyilezi zikhathi okwakudlange ngazo izigameko zokuthunjwa kwabantu besifazane. Ngangiqala ukuthandaza ngendlela engenza ngayo ngalelo langa."
Uthe uphinde wakhuleka kakhulu nangalolu suku lwaseGermany.
Eqhuba uRosemary uthe uhambo lwakhe lusheshe lwanqamuka futhi wangabe esakwazi ukwenza ezinye izinto ezisemqoka eGermany.
Esephetha ubonge kakhulu uNkulunkulu ngokumvikela nangokumhlenga kwinswelaboya.
Ngaphandle kwe-My Brother's Keeper, uRosemary ubuye walingisa nakwiS-candal! Isidingo, Savage Beauty, Shadow, Champagne, Wena Wena, nakweminye imidlalo yethelevishini.