UMLINGISI woMkhokha, u-Angel Zuma, usephumele obala ngokuzigcina eyintombi nto aze athole umuntu afanele ukumshada. Uthe selokhu azalwa akaze wajola ngenxa yokuthi ungumntwana kaNkulunkulu ozelwe kabusha.
"Ngisho abantu abamnyama kudala, ingane mayike yakhulelwa nje kwakuba yinto enkulu kabi ukuthi 'wena sewuhambe walala nomuntu ungaganile'," kusho u-Angel kwi-Engineer Your Life. Uthe noma ngabe uyakholwa noma awukholwa umgomo unjalo. U-Angel, onguNomkhosi kuMkhokha futhi obenguZethu kuZalo, uthe usola ukuthi abantu abaningi abasha badliwa umzwangedwa, esikhundleni sokuzigcina bematasatasa.
"Inkinga yethu sinabantu abanesikhathi esiningi abangasisebenzisi ngalutho bese begcina sebenza izinto esingakafiki isikhathi sazo ngenxa yokudliwa umzwangedwa." Uthe iningi liyafuna ukuthandwa ebudlelwaneni. "Kodwa ungalenzi iphutha lokungena ebudlelwaneni ungakakulungeli ngoba ufuna ukuthandwa, ekubeni kunezinto eziningi okufanele uzenzele zona. Zithande wena kakhulu kuqala, ungalindeli omunye umuntu akuthande." Unxuse intsha ukuba ingafundi izinto ngayo ngoba isisebudlelwaneni.
Uthe yena akakaze wazama ukuqoma ngenxa yendlela akhuliswa ngayo esontweni akhonza kulo. Uthe watshelwa ukuthi uNkulunkulu uyomkhombisa indoda okuyofanele ayishade. Uthe ucwaningo lwakhe lwaveza ukuthi zintathu izinyanga zokufundana ebudlelwaneni ngaphambi kokuba kushadwane.
"Indlela esikhuliswe ngayo esontweni ukuthi uNkulunkulu uyazi ngathi. Kufana nabo ubudlelwane, uNkulunkulu uyazi ukuthi wena Angel ngoba ukanje, kunesoka engikudalele lona elikanje, elizokuphatha kanje ngoba ukhuliswe kanje." Uthe akufanele abantu bamoshe isikhathi sabo ngokujola ngoba awusoze wamthola umkhwenyana lapho.
"Nijolela Ini? Angithi nijolela uthando. NjengomKhrestu, mina ngikholelwa ukuthi uma senilitholile, shadani-ke, ningaze senigcina senenza izinto okungafanele nizenze. Uma nijolela ukuzijabulisa, inhliziyo ekabani ozijabulisa ngayo? Awukwazi ukuthi uyazijabulisa ngezinhliziyo zabanye. Uma ujola, kumele ujole ngoba wazi ukuthi ufunani." Uthe yena ulindele uNkulunkulu aqinisekise ukuthi lo muntu omshelayo uwubambo lwakhe.
"Yilapho ngiyokwazi khona ukuthi ungumaqondana. Wangitshela kahle ukuthi angisoze ngamthola umyeni emjolweni nasekuzikhipheni. Yingakho ngingenaso isikhathi sokujola. Bayazama kodwa ngiyabachitha." Uthe uNkulunkulu akasoze amholela endodeni angeke ayithande. Uthe uma uNkulunkulu efuna alinde aze abe neminyaka ewu-42, uzimisele ukulinda ngoba akazimisele ukulahlekelwa wubuntombi bakhe ngobala. "Uyazi yena ungihleleleni kuleyo minyaka ewu-42. Kumele kube ngokwezinga likaNkulunkulu. Uyazi usicabangelani kulowo 42. Mhlawumbe ngiyobe ngisemuhle," kuphetha u-Angel obuye abe ngumculi ophelezela abanye abadumile ngephimbo.