INSIZWA yaseNquthu ekhule igqolozela iGenerations kwamakhelwane, sekubukelwa yona manje kwithelevishini.
USihle Nzima (24) ulingisa indawo yomfana owuhlupho emdlalweni osakazwa kuMzansi Wethu phakathi nezinsuku ebusuku, iSibongile And The Dlaminis.
Mayelana nendawo kaGovernment elingiswa nguSihle okuwumfana osanda kudedelwa ejele, uphawule kanje ngayo: "Ngiyaluthanda lolu hambo engisaluthathile okwamanje ngoba luyangisiza ukungena entweni engingeyona. Yilobo ubuhle bokulingisa. Uba wumuntu ongeyena futhi kufanele uxoxe udaba lwabantu abaningi abanjengoGovernment."
USihle uchaze uGovernment njengehlongandlebe eliyizambane elibolile nelizoba yisihlava esibi kumzala omncane, uSangweni. Uthe asikho isiqephu esamchaza njengokubonakala kwiTV okokuqala ngqa ephethe inkukhu entshontshiwe.
"Kwakuyindlela yokwethula kubabukeli umfana ozoba wuhlupho emphakathini kulo mdlalo."
Uthe kwakuthi akahlanye ngesikhathi ezibona okokuqala kwithelevishini emuva kweminyaka ebuka abanye ozakwabo ngemali emizini yabantu.
"Ngajabula kakhulu futhi ngagxumagxuma yonke indlu, ngiklabalasa kakhulu ngoba ngingakholwa ukuthi ngempela yimi lo okuthelevishini."
USihle uthe wazalelwa eThekwini kodwa kwathi eseneminyaka emibili, uyise wabafudukisela eNquthu, yena nomfowabo omdala, okuyilapho akhulele khona futhi wafunda waze wasiqeda esikoleni.
Esephothule u-matric ngo-2017, uSihle wathi ukugoba amadlangala eGoli iminyaka emine, ethungatha amatoho ekulingiseni kodwa emphika ngenxa yokungabi nasicucu kulo mkhakha. Uthe wabe esezama ukuyokwenza izifundo zokulingisa nezobuntatheli eDurban University of Technology (DUT) kodwa washaywa ukuthi kwase kugcwele. Wabe esenza izifundo zePublic Administration unyaka owodwa ngo-2021 ngaphambi kokufundela ubuntatheli.
Uthe umkhakha wokulingisa wawuthanda esemncane ngoba wayevamise ukulingisa okwakwenziwa emidlalweni, ikakhulukazi kwiGenerations The Legacy.
"Kwesinye isikhathi kwakufanele ngikhokhe u50c ukubukela iGenerations kamakhelwane. Ngangingayibukeli nje ukuqeda isizungu kodwa ngangizibona ngikwithelevishini. Ngenza izifundo ze-Drama kaGrade 8 futhi yilapho ngazibona khona ukuthi ngiwumlingisi ngoba ngangihambela izindawo ezahlukene, ngimele isikole sethu emincintiswaneni futhi siwudla umhlanganiso."
Uthe uke walingisa izindawo ezingatheni kwiSibaya nakwiGenerations kanti wake wasakazela isiteshi somphakathi saseNquthu, i-Anchor FM ngesikhathi esenza uGrade 11 no-12.