UMLINGISI wakuleli, uMzwandile Ngubeni, useveze ukuthi ukuthola ithuba lokwethula isizini yesihlanu yohlelo iLove Back, kusho lukhulu njengoba ethanda ukugcina isizwe sibumbene.
UMzwandile uqale ukwethula lolu hlelo izolo kwiMzansi Magic ngo-8.00, ebusuku.
Kulona usiza oyedwa okungaba owesifazane noma owesilisa ofuna ukubuyelana nesithandwa sakhe asahlukana naso.
Eminyakeni edlule, lolu hlelo belethulwa uMoshe Ndiki, ongabuyanga kule sizini.
“Uhlelo iLove Back lungolunye lwezinhlelo ezingenza ngikuthande kakhulu ukusebenza emkhakheni wethelevishini, ngani ngoba luhlanganisa abantu futhi lwakha imiphakathi egcwele uthando. Lwenza isiqiniseko sokuthi siyisizwe esihlangene ngenxa yothando esikhombisana lona futhi siyakwazi ukukhuluma ngokuvuleleka emphakathini ngezinto ezithinta uthando,” kuchaza uMzwandile.
Kulolu hlelo uveze ukuthi bazoqhubeka nokusiza abantu abafuna ukwakha uthando nabantu abahlukana nabo, nasebebona kungcono baphinde bazame futhi.
“Izingxoxo ezivulelekile engibe nazo nabantu abazobonakala kulolu hlelo, izona ezingenze ngakuthanda kakhulu ukuba umethuli walo futhi ngagqugquzeleka ukuthi ngiqhubeke nokulwethula. Ngiyabonga kakhulu ngethuba engilitholile, ngiyethemba abalandeli balolu hlelo bazoluthokozela njengoba nami ngikujabulele ukuba ngumethuli walo,” kuchaza uMzwandile.
Le nsizwa isanda kukhuza ibuya kwithelevishini ngemuva kokunyamalala isikhashana.
Muva nje, uMzwandile uke wabonakala elingisa emdlalweni iThe River, elingisa indawo ka-Elvis Baloyi obeyiphela endlebeni kuLindiwe Dikana (Sindi Dlathu), owadubula wabulala indodakazi yakhe uTumi.
U-Elvis ubelazi lonke iqiniso ngokufa kukaTumi, futhi efuna ukushada noLindiwe ngenkani ukuze amgcinele imfihlo yakhe.
UNomsa Philiso wakwaM-Net, uthe bakujabulele ukubuya kwalolu hlelo futhi bayathemba ukuthi abantu bazomjabulela uMzwandile ozobe esiza abake bathandana baphinde bavuselele lokhu ababenakho ekuqaleni.