SEKUVAMILE ukuthi sibone imidlalo yethelevishini inqanyulwa, kwethulwe emisha efika igaleleke kubatshazwe ubumnandi bayo, bese ngokuqhubeka kwesikhathi nayo inqanyulwe noma iqalwe ngokumiswa, igcine isinqanyuliwe noma ihoxiswe.
Phakathi kwemidlalo yethelevishini eke yanedumela kule minyaka edlule kodwa eyagcina inqanyuliwe singabala iRhythm City, Isibaya, Isipho: The Gift, DiepCity, Nikiwe, Imbewu: The Seed, The River, Gomora ne-The Queen ukukha nje phezulu.
Umbuzo omkhulu uthi kudalwa yini konke lokhu? Ngabe yingxenxa yokuthi le midlalo isuke ingasashayi khona, noma ababukeli abasuke sebengayithandi ngenxa yezizathu ezithile?
Isolezwe lixoxe no-Edmund Mhlongo, umakadebona wombhali nomqondisi wemidlalo yeshashalazi, futhi ongumsunguli wesikhungo esicija amaciko esiKwaMashu iKCAP, ukuzwa kuyena ngokungase kube yisizathu ezibangela loku.
UMhlongo uthe inkinga enkulu wukuthi iNingizimu Afrika ayinalo uhlelo oluqondile nolunzulu lokucija ababhali ukuze babe sezingeni eliphezulu lokubhala, bakhiqize imidlalo ehlabahlosile.
“Into eqapheleka kakhulu ngemidlalo eminingi evutshwelwe kuleli zwe egcina inqanyulwa wukuthi kuthi umdlalo ungafika kuvuthondaba, ingabe isaba khona indlela yokwenza uhlale uhlabahlosile kubabukeli,” kusho uMhlongo.
Eqhuba, uthe loko kudalwa wukungabi bikho kwababhali abanele abaqonda umsebenzi abawenzayo, ngenxa yokuthi izikhungo zobuciko zakuleli zwe zigxila ekucijeni abalingisi, bese kuba kuncane ezifundisa khona ukucija nokukhiqiza ababhali bezinga eliphezulu.
“Yingakho ubona imidlalo eminingi ebukwa kakhulu ibhalwa ngababhali ababodwa ngoba nabaphathi beziteshi ekhonjiswa kuzona bazi futhi bathemba bona. Bancamela ukusebenza nabantu ababaziyo nababathembayo ukuthi bazowenza umsebenzi, bawuthumele ngesikhathi ukuze kuqhubeke umkhiqizo ngendlela efanele. Loko kwenza singabi nayo imidlalo ehlale ihlabahlosile kwithelevishini,” usho kanje.
UPhathutshedzo Makwarela, ongomunye wabanikazi beTshedza Pictures esikhiqize imidlalo esingabala kuyona iChampions, Youngins, Adulting, The River, Outlaws neGqeberha: The Empire, uthe esinye sezizathu zalokhu wukuthi eminye imidlalo ekhiqizwa kwithelevishini isuke ilungele isizini eyodwa kuphela, okwenza kube nzima ukuyiqhuba kumasizini alandelayo.
“Okunye kungaba ngenxa yokuthi isiminingi kakhulu imidlalo ekhiqizwayo kwithelevishini, eminye yayo ekhonjiswa ngesikhathi esisodwa, lokho okungaholela ekutheni eminye yayo isalele emuva ngezinombolo zababukeli,” kusho uMakwarela.
Ebuzwa ukuthi kungani kwande ababhali ababodwa emidlalweni eminingi yethelevishini, uMakwarela ukuphikile loku, ezeseka ngokuthi yileyo edumile nebukwa kakhulu enethimba lababhali abafanayo, okungasho ukuthi neminye engadumile injalo.