UMLINGISI odabuka eClermont, uXolani Ncobeni, usehamba ethuka izanya emphakathini ngenxa yendawo kamalume uDan Mnguni ayilingisa emdlalweni we-e.tv, iScandal.
UXolani uthi sekunzima ukuhamba nanoma yikuphi ngoba kunabantu abamchapha ngayo yonke inhlamba futhi abanye baze bazame nokumshaya. Uthe useke wasinda ngokulambisa kwezinye izindawo.
"Ngize ngabhala ezinkundleni zokuxhumana nginxusa ababukeli balo mdlalo ukuba bakwazi ukuhlukanisa phakathi kukaXolani Ncobeni noDan Mnguni. Uma ungangena ekhasini leScandal nakuMzansi Stories ungazibona izinhlamba nezinsongo abazibhalayo. Sengiyasaba impela ukuphuma nasendlini."
UXolani uthe okumenza abe nyamanambana emphakathini ukuthi uDan uhlukumeza umshana wakhe, uCJ, kulo mdlalo. "Uqale ngokuhlukumeza unina kaCJ, emhlalisa ngobumnyama futhi engawakhokheli amanzi. Edla nemali erentwa ngabantu. Manje uxosha wumfana kamfowabo endlini futhi uhlukumeza uCJ. Umhlukumeza ngempela futhi ulwa namalungu omphakathi."
Yize esenesigcwagcwa kubabukeli kodwa uXolani uthe ukujabulele kakhulu ukunconywa ngabantu asebemnkantshubomvu kule ndima ngale ndawo ayilingisayo.
"Bathi kufanele abantu bangizonde, ngikhiphe amangwevu kule ndawo. Bathi kuvele kube sengathi nami nginjengoDan."
UXolani akamusha endimeni yokulingisa njengoba eqale eneminyaka ewu-17 ngomdlalo weshashalazi kaWelcome Msomi, owawuthi UMabatha-Zulu MacBeth ngo-1997.
Uzungeze umhlaba nalo mdlalo njengoba egcine eselingisa eNew York City Lincoln Theatre naseToronto, eCanada ngaphambi kokudlulela e-UK.
"Ngibe sengingena emculweni, ngigidela Ihhashi Elimhlophe, Mfiliseni Magubane noPhuzekhemisi. Ngibuye ngasebenza noMbongeni Ngema, sahambela amazwe ako-Asia nase-Europe. Nomdlalo othi Umoja nawo ungizungezise umhlaba. Ngihambele ko-UK, Asia, Nigeria, Zambia, Tanzania, Zimbabwe, Swaziland, Lesotho, Botswana naseGhana."
Ngaphandle kokulingisa, uXolani ubuye abe wumculi nombhali wezingoma futhi useke wasebenza noLebo Mathosa, Theo, Kelly Khumalo, Mshoza, DJ Clock, Tina, 3Sum, DJ Christos, Shana, Twins, Revolution neSoweto Spiritual Singers. Ngesikhathi umrepha waphesheya, uSnoop Dogg, ezonandisa kuleli, uXolani uthi nguyena owayemdlalela i-djembe drum futhi walingisa esikhangisweni seFifa World Cup ngo-2010. Useke walingisa kuZalo, Isibaya, Isipho nasemafilimini amaningi.