UMCULI kamaskandi uSenzo "Ntencane" Zondi neqembu alibhidisayo labaculi baseKZN bashiye amajaji nezibukeli bengawuvali umlomo ngezimanga abazigile kwiTop 4 yeClash of the Choirs kuMzansi Magic izolo.
EzikaNtencane zidlisele ogageni amanye amakhwaya ngokwenza kabusha ingoma kaBeyonce esihloko sithi Love On Top. Umculi wokholo, uDr Tumi, uthe ukunandisa kweTeam KZN bekusezingeni eliphezulu.
"Ukube bekuwusuku lokugcina, bewuzokhala wemuke nesicoco. Bekuyisimangaliso."
Umculi wekwaito, uZwai Bala uthe uchazwe yindlela ingoma yeTeam Ntencane ebihlelwe ngayo futhi bekufanele isetshenziswe ekufundiseni ozakwabo ukuthi ingoma ihlelwa kanjani kabusha. Umculi we-Afro soul wodumo kwiThe Soil, uBuhlebendalo Mda, uthe kuye amathe abuyele kasifuba ngoba ubezitshela ukuthi oNtencane bazohluleka ukuyihlela kabusha le ngoma.
"Ngaphambi kokuba niqale, ngithe ngiyethemba anizoyenza isiBeyonce. Niyihlabe esikhonkosini!"
Ngebhadi umculi wamapiano, uLady Du, uhluleke wancama ukudlulela kwiTop 3 nekhwaya yakhe yase-Eastern Cape njengoba bekhale ngaphansi okwentshebe yaKwaMashu.
Amajaji ahlukane phakathi ngendlela iTeam Lady Du, icule ngayo ingoma kaKelly Khumalo ethi Empini. Nakuba kunjalo unconyiwe umfaniswano wabo wamasosha.
Yize iTeam Hle, emele iLimpopo, beyifike kulo mncintiswano ixhugela futhi ishaye udaka kodwa idlulele kwiTop 3 ngengoma kaJill Scott ethi Golden.
ITeam Khanyisa emele iMpumalanga, ilale isibili ngengoma kaLloyiso esihloko sithi Dream About You. NgeSonto eledlule lekhwaya yayilale isibili.
NgeSonto elizayo, kubhekwe ngamehlo abomvu ukuthi iyiphi ikhwaya ephumayo namabili azodlulela emzuliswaneni wamanqamu kuDStv Channel 161 ngo-6 ebusuku.