BATHEMBISA lukhulu abazobe begcona usaziwayo waseThekwini, uPearl Thusi, kwiRoast of Pearl Thusi, eLyric Theatre, eGold Reef City, eGoli, namhlanje ngo-7 kusihlwa.
Kwabazobe bebambe iqhaza kwiRoast of Pearl Thusi kubalwa umdansi wodumo uZodwa Wabantu, usomahlaya uDavid Kau, uRandal Abrahams wodumo kuma-Idols SA, umculi we-Afro house, uBusiswa, umlingisi uLillian Dube, umculi uDonald, usomahlaya uTall A$$ Mo, uPhat Joe noFarieda "Pharoah" Metsileng.
UZodwa, owaqala ukuzakhela udumo ngokudansa engadilozile eYadini Lounge, eMlaza, uthe akakhohlwe uPearl ukuthi uzoncengwa kulo mcimbi wakhe.
"Ngiyazigqaja futhi angihlonizi ngengisuke ngikwenza, kanjalo ngiqaphela okufana nokwami nakuPearl. Sobabili uma usijwayela kabi uyakuthola okufunayo. Nakuba kunjalo lokho akuchazi ukuthi ngizomthambisela. Ngakho akangalindeli ukwenzelelwa kimi," kuphetha uZodwa onolimi oluqosheme vele.
UDavid uthe iRoast of Pearl iyakuveza ukuthi amahlaya ayakwazi ukuhlukanisa nokubumbanisa abantu bamasiko ahlukene ngilimi olulodwa lwensini.
"IRoast kaPearl izobe isemgangathweni, yehla esiphundu," kuphawula uDavid.
Oyisekela mengameli omkhulu nemenenja jikelele yeParamount Africa neLead yaseBET International, uthe uzizwa enogqozi nofuqufuqu ngalo mcimbi. Uthe leli thimba elizobe ligcona uPearl balikhethe ngokwazi ukuthi alihlali nento esifubeni futhi alunandaba ukuthi ihlala kanjani kuwe. Uthe kuzobe kumnandi ukubona lizama ukugcona umuntu naye ongawubambi umshini.
"Enginesiqiniseko sakho nje ukuthi kuzobe kuyinjabulo yodwa," kuphetha uMonde.
*Lo mcimbi uzokhonjiswa kwithelevishini iComedy Central (DStv 122) ngoDisemba 8 kusukela ngo-9 ebusuku.