Uzobuya nobuso obusha umdlalo oveza impilo yabesifazane baseThekwini, iReal Housewives of Durban ezoqala kwiShowmax kusuka ngoFebhuwari 9.
Lo mdlalo ubuya nesizini yesine.
Abasha abajoyinayo ngowayengumlingisi weGenerations futhi oke waba ngumsakazi woKhozi FM uZama Ngcobo.
Uthe usekwenze konke emsebenzini wakhe ngaphambi kokuba sohlelweni oluveza impilo yangempela.
“Ngesikhathi kungena ucingo bengazi ukuthi yinto okumele ngiyenze, ngingene entweni entsha futhi ngandise uhla lwemisebenzi yami yize abantu abaningi bengixwayisile ngohlelo oluveza impilo yangempela,” kusho uZama.
Abanye nguNqobile “Angel” Ndlela odabuka eHowick kodwa osezinze eMhlanga.
U-Angel ubuye abe ngumculi, ungusomabhizinisi okwezokwakha, amatekisi, ukukhiqiza nengqephu. Ungumkhangisi ezinkundleni zokuxhumana.
“Ngijoyine uhlelo ngoba ngibona sengathi yisikhathi esifanele kimi. Ngisesimweni esikahle sempilo futhi ngifuna ukuzethula emhlabeni. Ngiyazi ukuthi iThe Real Housewives of Durban inezibukeli eziningi futhi ngesikhathi ithuba livela, bekumele ngilibambe ngazo zombili,” kusho u-Angel okunguyena omncane ohlelweni njengoba eno-29.
Owokugcina omusha ngu-Ameigh Thompson ongunina wezingane ezimbili. Ungumsunguli wenhlangano iFundisiwe Foundation ayiqambe ngonina.
Laba bobathathu bajoyina uNonku Williams noSorisha Naidoo ababe sohlelweni kusuka luqala. UJojo ubuya okwesithathu, uMaria Valaskatzis noSli Ndlovu babuye okwesibili.
Ongabuyi ngu-Annie Mthembu ongunkosikazi kaKgolo Mthembu ongumnikazi wezindawo zobumnandi eThekwini.
USam Kelly ongumdidiyeli omkhulu kwiLet It Rain Films uthe isizini entsha izoba ngcono kunasekuqaleni.
“Sinabantu abadala esenibazi futhi niyabathanda kanjalo nabesifazane abathathu abasha abeza nokuhlukile.”