UMSUNGULI womdlalo othi Umkhokha oqale izolo kuMzansi Magic(161), ngo-8.00, ebusuku, uthi lo mdlalo awuthinti lutho ngokwenzeka ebandleni lamaNazaretha.
UMandla KaNozulu wenkampani iRhythm World, eqopha lo mdlalo, useveze ukuthi amalungu ebandla laKwaShembe, Ebuhleni awehlise umoya abuke umdlalo.
Uthe umdlalo ukhuluma ngempi yemindeni emibili, awuthinti nakancane izindaba zebandla lamaNazaretha.
“Ngemuva kokuphuma kwesikhangiso esithinta lo mdlalo, kube khona ukungenami kumalungu ebandla lakwaShembe ikakhulukazi ohlangothini lwaseBuhleni, ekhala ngokuthi kukhona lapho kuvela khona into abangenami ngayo ekhuluma ngebandla labo,nekhuluma okungekhona ngezinto ezikhona ezithinta umbango wesihlalo ebandleni, nabebethi lo mdlalo ugxile kulokho, kanti cha akunjalo. Umdlalo ukhuluma ngemindeni emibili esempini enkulu,” kusho uMandla.
Uthe ufuna ukuqinisekisa ngisho ababukeli namalungu ebandla ukuthi lona umdlalo akukho lapho bewususela khona.
“Abantu bazoba nemibono ehlukene ngawo ukuya phambili, njengoba ukhuluma ngale mindeni emibili. Siyacela ukuthi amalungu ebandla anokungaqondi nakhathazekile ngomdlalo awubuke. Sinxusa abantu bakuleli bawuqonde umkhakha wamaciko nendlela asebenza ngayo, futhi anikwe inkululeko yokusebenza ngokukhululeka kuleli,” kuchaza yena.
UMandla ukhuluma kanjena nje Isolezwe libike udaba lapho amalungu ebandla lakwaShembe, akhombisa ukungenami ngalo mdlalo ekhala ngokuthi abalingisi bakhona bagqoke imifaniswano yebandla, futhi kubukeka sengathi ukhuluma ngombango wesihlalo oqhubekayo manje.
Bathe lo mdlalo bafuna uvalwe ngoba akulingiswa ngoShembe.
Lo mdlalo ubophele abalingisi okubalwa kubo uSthandiwe Kgoroge, Linda Sokhulu, Sibonile Ngubane, Deli Malinga, Nay Maps nabanye.