UZALO
Ngo-8.30 ebusuku kwiSABC 1
UMPHAKATHI waKwaMashu, uvalelisa okokugcina kuSibonelo. UMaMlambo uholela uNjinji enkingeni enkulu. ULilly ukhuthaza uMondli ukuthi basebenze kanzima ukuze bathole ubulungiswa. UMzamo ubanjwa oqotsheni ngemuva kokulala eK-Mash FM. UMaMlambo, uNjinji noNomkhosi balwela impilo yabo. UGabisile utshela uNkunzi izindaba ezingezinhle. UNyawo akanikwa isikhundla esimfanele. Umuntu ongaziwa ungena kwaNjinji futhi uyenqaba ukulandela imiyalelo atshelwa yona. Imizamo kaMaMlambo yokusindisa uNomkhosi ayihambi ngendlela ahlele ngayo.
MUVHANGO
Ngo-9 ebusuku kwiSABC 2
UTENDAMUDZIMU udiniwe futhi udidekile njengoba uNkele ezama ukumqhelisa eduzane kwakhe yize besemsebenzini. UVho-Masindi uzama ukubuyisa uLindelani ukuze eze ekhaya. ULindelani uzithola esesimweni lapho engazi ukuthi akhethe bani kubantu ababalulekile kuye. UMulalo no-Azwindini bahlanganisa iqhinga lokuqeda ngoNkele. UBubbles noReneilwe bayaxabana. UNkele ubanjwa oqotsheni enza into ebingalindelekile. U-Azwindini ekugcineni uyasibheka isicelo sikaLindelani, nokwenza uVho-Masindi ajabule.
GENERATIONS: THE LEGACY
Ngo-8 ebusuku kwiSABC1
UTHEMBA akafuni ukuthi usinganina wakhe aye ejele. UNozipho akajabule ngomsebenzi awunikwa uFikile. UNkosiyabo (Muzi Mthabela) ujatshuliswa ukuthi uzovumela umshana wakhe akwazi ukubeka uhlangothi lwakhe lwendaba. Ubani lona wesifazane ngokushesha onqaba ukuhlangana nesikhulu sikahulumeni? Intokazi esempilweni kaKhumo ifuna aluphathe yena udaba oseluxake abantu abaningi. Ingabe inhlolokhono kaSphe izokwenza kubheke amathuba uLucy anawo? Udiniwe u-Anathi ngemuva kokuhlanjalazwa phambi kozakwabo. Ukubuka uZondiwe omuhle kwenza uMbali afikelwe amaqhinga. UNkosiyabo udiniwe ngemuva kokuzwa ukuthi u-Ayanda wenzeni bengazi.
SCANDAL!
Ngo-7.30 ebusuku kwi-e.tv
OKUMELE kube isikhathi esibi nesifika ngezindaba ezimbi senza ubaba nendodana babe nokusondelana kakhulu. UJakes uthola ukuthi imali ngeke iziqede zonke izinkinga onazo. Abazali abadinga usizo bayakuthola lokhu abakufunayo kodwa manje kumele kube khona la okumele badlule khona ukuze baqale kabusha impilo yabo. UNhlamulo ukuthola kunzima ukujwayela indlela asebizwa ngayo. UNdumiso noCaiphus bayamangala uma izinto zingahambi ngendlela abebeyilindele. Kuba khona umsindo empilweni kaJojo. UNhlamulo uzizwa ebhekene nobunzima njengoba eqala impilo entsha. UJojo noMnisi bayahlangana, futhi kulokhu uMnisi uba namandla.
HOUSE OF ZWIDE
Ngo-7 ebusuku kwi-e.tv
UFUNANI utshela uLaz ngesu likaFaith lokwenza kabi uLoyiso kodwa uLaz ubeka umbono wokuthi kungenzeka uFaith unemizwa yothando ngoLoyiso. ULoyiso ulwa nabantu abangafuni ukuzwa izinhlelo zakhe futhi uzimisele ukumpimpa ngokungahambi kahle ngakwezezimali. UZanele uqinisekisa izindaba zokuthi ukhulelwe futhi uyamangala uSandile (Paballo Mavundla). UNeo uqamba amanga ngoFikile. UZanele noSandile baxoxa ngodaba lokukhulelwa, kusenjalo uSandile ubona kungcono bangayigcini ingane. UFaith uzama ukwenza uFunani abe nomona. USandile uthatha uZanele umusa emtholampilo wokukhipha isisu.
GQEBERHA: THE EMPIRE
Ngo-9 ebusuku kuMzansi Magic
UYAHLULEKA uMsimelelo ukunakekela umuzi wakhe, kanti izingane kuyazikhathaza lokho. U-Anathi noThulani baqhelelana kakhulu. USivuyile kukhona izinto azenza engazi uMsimelelo nokungamenza angene enkingeni. UThulani noLulama kukhona isimo okumele basilungise ngokushesha. ULulama kukhona akufihlayo ukuze kube khona injabulo emshadweni kaThulani. Ukungathembeki kukaNozuko kuNomaflower kuba nemiphumela engemihle. Ingxabano kaSivuyile noMsimelelo iyaqhubeka. Usuku lokuvulwa kwehhotela kanti amalungu omndeni akwaMxenge awajabule ngokungagqanyiswa kulo mcimbi. UThulani uphelelwa ukuzethemba njengoba enemicabango eminingi eyedwa ehhotela.
UMKHOKHA: THE CURSE
Ngo-8.30 ebusuku kuMzansi Magic
UDIFA uya emfuleni ukuze ayozinikela kodwa akukho okwenzakalayo, kunalokho uSfociya umtshela ukuthi akukho angakwenza. Ngenhlanhla kukhona abanye abalwayo ngakolunye uhlangothi. Iyashintsha impilo kaZodwa njengoba ezwa iqiniso ngokuba khona kwakhe emhlabeni. Kuba khona ukungezwani emzini wakwaGumede. UZodwa (Mbali Ngiba) uya esangomeni ukuze ayothola kahle ukuthi uMzobe uzama ukuthini kuye njengoba engaqondi. Umkhandlu udingida udaba lukankosikazi omusha kaMkhululi. UDifa uzila ukudla uyathandaza ngokuphepha komndeni wakhe. Umuntu ongase abe yinkosikazi kaMkhululi uyethulwa. UZodwa uyaqhubeka nokufuna izikhwama ezidukile, ingabe uzozithola? UNdlovu usezinhlelweni zokuthi indodakazi yakhe ithathwe uMkhululi.