GQEBERHA: THE EMPIRE
Ngo-9 ebusuku kuMzansi Magic
UZIMKHITHA uyafa. UNtando uyaqhubeka nokuziqinisa yize kubheda. UHlumelo noNozuko bajabulela enye impumelelo. Ekugcineni uThulani uveza iqhinga lakhe langempela kuNobomi. UNtando noNontu abavumelani ngendawo yokungcwaba uZimkhitha. UNtando uyazisola. Wonke amehlo athi njo kuMsimelelo uma ekhala ngesikhathi somthandazo. UHlumelo ubamba uThulani noNobomi benengxoxo esithe. UHlumelo noNozuko balungiselela ukushada. UNomaflower usekulungele ukuthi ubudlelwano bakhe noNtando budlondlobale.
UZALO
Ngo-8.30 ebusuku kwi-SABC1
UBABEKAZI uqala uhambo lomkhankaso ofihliwe. IShlobos ifuna izimpendulo. Izinsizwa ziyashaqeka ukuzwa ukuthi uPhefeni uhambe wayoxolisa kuMzamo. Ukwesaba nonembeza kubusa uSakhile okumphoqa ukuthi abaleke yize impilo kaNjinji (Thembi Nyandeni) ingeyinhle.
UNkunzi uphoqa uNkazimulo ukuthi azwane noBabo kodwa akuphumeleli. UMzamo uxoxa ngokwenzeke kuye. UNjinji uyanengeka uma ethola ukuthi uNomaswazi umbizele udokotela. Udokotela uhambela kwaMagwaza futhi uyathuka. USakhile udidekile ngokuhamba KwaMashu. UNkunzi ufuna ukuhambisa uBabo eNdlende, ukuze ezohlangana namadlozi akubo.
UMKHOKHA: THE CURSE
Ngo-8.30 ebusuku kuMzansi Magic
UZISEBENZELE ukhathazekile ngomndeni kaNtombi ongamfuni. UDifa unikeza uLwazi into ekhethekile. UGabisile uthola izindaba ezimnandi angakwazi ukuzijabulela ngenxa yesimo akuso. ULwazi utshela uGabi ukuthi uzomeseka kulesi simo esisha abakuso.
Amakhosikazi kaNdlovu awahambisani nomyalelo, abuyela ethempelini. AbakwaMthembu bajabulela ukuhamba kahle kwezingxoxo zelobolo likaZisebenzele. UMaphalala uyahluleka ngoSibusiso futhi uncenga uSiphamandla ukuthi amsize. UGabisile noMaMzobe bakhuluma ngokukhulelwa kwakhe futhi uMabusi uthengela uGabi imoto entsha.
HOUSE OF ZWIDE
Ngo-7 ebusuku kwi-e.tv
UMSIZI uyachichima yinjabula uma u-Ayanda amukela isimemo sakhe. UHarriet uyakhathazeka ngokuthi ukudlondlobala kobudlelwano phakathi kwalaba bobabili kungaphetha kabuhlungu nokuphoxeka ku-Ayanda. UMampho ojabule utshela uMaria ukuthi ulubheke ngabomvu uhambo lokuya eFrance. Ucela uSandile ukuthi angamtsheli ngabebhekene nakho ngoba kungase kuphazamise ubudlelwano babo.
UHarriet uyacikeka uma u-Ayanda ememezela ukuthi uya kuMsizi ukuze ezochitha usuku naye esithabathabeni sakwaZwide enze umsebenzi wakhe ngoba akanayo i-internet kubo.
GENERATION: THE LEGACY
Ngo-8 ebusuku kwi-SABC1
UPELE usola ukuthi umngani wazi okuthile ngokubulala. USphe (Pearl Monama) ushaqwa yisimo sesiguli sakhe esisha. Iseluleko sika-Ayanda siyayithola indawo. Ingabe uNozipho uzogonyuluka ngoNkaba? UJack uwaqamba kahle amanga ukuze engabanjwa. UKhumo uxwayisa athandana naye ngokuthi angabeki engcupheni umsebenzi wakhe. U-Ayanda ubuza uTau ngakuthole ekhabetheni. USphe uyazinyanya ngokungenzi okufanele. UMelokuhle udidwa yindlela engajwayelekile isoka lakhe eliziphethe ngayo.
SCANDAL!
Ngo-7.30 ebusuku kwi-e.tv
UMNGANI unxusa omunye ukuthi abuyekeze isimo esinobungozi esingase siphethe ngokuthi azisole. UTlhogi uza nesiphakamiso esingalindelekile. UTlhogi noMdala bathatha isinqumo. Yize ebemanqika kodwa uHilda ugculisekile ngokuthamela i-Ladies’ Night. Luyafika usuku obelubhekwe ngabomvu lukaLayla noCohen. Wonke umuntu uphoxeke ngezindlela ezingafani. UTiro uba wumayibuthe wokunakwa kwangakudingi nakudingayo. Umthetho awukho sohlangothini lukaMdala.
MUVHANGO
Ngo-9 ebusuku kwi-SABC2
UMUVHANGO ukubheke ngabomvu ukuyoqala umsebenzi omusha kodwa uyashaqeka uma uDkt Ximba (Leleti Khumalo) emnika osiyasebenza nomakarabha kunetafula. UKhensani ugonyula kuRendani ngenkinga yakhe futhi ufuna ukwesekwa.
UNdemedzo umangaza u-Itseng ngokuxolisa ngokuziphatha kwakhe kodwa uyamshaqisa uma ephakamisa ukuthi baqede ngobudlelwano babo. UDkt Ximba umangaza uTeboho ngokuthi uzomseka futhi uphakamisa ukumsiza. U-Azwindini uyathuka futhi uphatheka kabi uma ethola uDkt Ximba uhambisana noTeboho. U-Azwindini uzama ukuphenya ngokubulawa kukaNkele, ugwazela amaphoyisa ukuze athole ikhophi yedokodo.