UZALO
Ngo-8.30 ebusuku kwi-SABC1
UNOSIPHO akakuthathi kahle ukungathembeki kwabantu asondelene nabo. Njengoba esephumile ejele uScrewdriver, intsha yaKwaMashu iyaqhubeka nokufuna ubulungiswa ngokufa kukaNomathemba. UHleziphi uzibuza uyaziphendula ngempilo ayiphilayo. USbu ufuna kuvele ukuba msulwa buka-Evangelise Sakhile. UNosipho umatasa wenza uphenyo lokuthi ngabe uSambulo usaphila ngempela yini. UNosipho noNkazimulo bobabili basohambeni olubuyela KwaMashu ngezizathu ezihlukene. UHleziphi uzimisele ukuqinisa ubudlelwano anabo nabantu abahlukene empilweni yakhe. UMbatha uhlangana noNosipho kodwa akasamboni. ULilly ubona uSakhile. Abafuna ubulungiswa bazama ukugqugquzela amaphoyisa ukuthi asheshe aphenye futhi axazulule icala elithinta ukubulawa kukaNomathemba. UNosipho ukhululeke njengomuntu ongakaze aboshwe KwaMashu, kanti noSgidi ufuna ukwenza kahle njengoba esevulela umuntu omusha empilweni yakhe azothandana naye.
GENERATIONS: THE LEGACY
Ngo-8 ebusuku, kwi-SABC 1
U-JACK ubamba uzakwabo omusha asebenza naye enza into engalungile. UTumelo akajabule ngezinguquko ezintsha. UKhumo ukwenza kucace ukuthi usizo lwakhe aluzi mahhala. USphe umangazwa indlela eliziphethe ngayo isoka lakhe. U-Anathi ubona into emthusayo emaphepheni asenkantolo. UMpho uyenqaba ukusiza umngani ngenxa yokuvikela isithunzi sakhe. UMinnie uthukile kakhulu njengoba enesivakashi esisha endaweni yakhe yokulala. Izithandani ziqambelana amanga ngezinhlelo ezinazo zosuku. U-Ayanda ujabule ngesipho angasazi ukuthi siphumaphi asitholayo kodwa leyo njabulo iyaphela uma esebona ukuthi sithunyelwe ubani. UTumelo uyamangala uma ezwa ukuthi uzobe enzani emsebenzini wakhe olandelayo. Ubaba nendodakazi yakhe baba bengxabano embi. ULuke wenza okungafuneki kabili osukwini olulodwa. USphe umangazwa yinto akade engayilindele evelayo.
SCANDAL
Ngo-7.30 ebusuku, kwi-e.tv
NGALESI sikhathi kubonakala sengathi empilweni kuhamba kahle, impi elethwa owesifazane onengane kubukeka iba yimbi. Izinto ziba zimbi kakhulu ngesikhathi uMa'Dlomo eyokhuluma noNhloso. UGloria ukhuluma amanga, kodwa ngabe uPrudence (Shoki Mmola) uzomkholwa? Ukubumbana komndeni kuyakhula kodwa futhi kuba khona okubaphatha kabi lokho. UGloria noMbuso babeka imithetho emisha ukuze bakwazi ukugcina isithunzi sabo. Ngesikhathi iNFH ibhekene nezinkinga ezihlukene, uLayla uya kuDintle mayelana nokumqambela amanga. Umama ukuthola kunzima ukuthatha isinyathelo esikhulu, ngoba akafuni ukushiya indodakazi yakhe enkingeni. Owesilisa unamathemba amakhulu ngokubona owesifazane kodwa izinhloso zakhe zimshiya ephoxekile. Ukunyamalala kukaMbuso kushiya uPrudence ezibuza ukuthi kwenzakalani. Owesilisa uhleli ngesinqa esisodwa njengoba elinde isinqumo esingashintsha impilo yakhe. Impi yokudla impi yansuku zonke e-Uthuli.
HOUSE OF ZWIDE
Ngo-7 ebusuku, kwi-e.tv
UMSIZI uthenga indawo yokuwasha izimoto kaVusi eTembisa futhi uqasha uMolefe osala emangele ngalesi sinqumo ukuze ambhekele yona. USoka uxolela ugogo wakhe ngemuva kokuthi exolisile ngesenzo sakhe futhi uyamtshela ukuthi uzohamba abuyele eKZN noKhethiwe. UMsizi ukhuthaza uMolefe ukuthi athathe izintambo zokuphatha indawo yokuhlanza izimoto ngemuva kokuthi ebhekane nobunzima. UMolefe ubeka imithetho eqinile endaweni yakhe yokusebenzela, kodwa uma kufika uMsizi. UMolefe ubona ukuthi ukufika kukaVusi endaweni yakhe yokusebenzela, kudala imibuzo eminingi nokungaphephi kubasebenzi bakhe namakhasimende. UShoki ucela usizo luka-Ona njengoba kukhona okumele ayokwethula emsebenzini, noNkosi uyamqinisekisa ukuthi uzomeseka. UShoki umisa umcimbi wakhe omkhulu futhi uhamba noNkosi la amdinga khona.
GQEBERHA: THE EMPIRE
Ngo-9 ebusuku, kuMzansi Magic
ULULAMA umkhathalele uThulani (Tembinkosi Ngcukana), futhi uyazenyanya ngalokhu aqhubeka ekwenza engazi. Umcimbi wembeleko kaNtando umbangela amahloni uNontle. UNtando uveza amahlazo kaZimkhitha ngemuva kwezinto ezibuhlungu amenze zona. ULulama uzimisele ukuziphindiselela kuHlumelo. ULulama ucabanga ukuthi unamandla amakhulu phezu kukaHlumelo kodwa uHlumelo wenza into akade engayilindele. UZimkhitha akalutholi usizo lokuvimba uNtando angahambi kubo. ULulama ukuthola kunzima ukuvumelana nezinto ezifunwa ngenkani uHlumelo. UZimkhitha ungena kakhulu ezinkingeni futhi noNtando umile esinqumweni asithathile. UNtando ulwa nomthwalo awuzwayo wokuzizwa engamukelwa izingane zakwabo. UThulani izinsolo anazo ngoLulama noHlumelo zimphoqa ukuthi akande isu ngokwenza kwabo. UNontu ukhathazwa ukuthi angenzani uZimkhitha uma engamshiya yedwa.
UMKHOKHA: THE CURSE
Ngo-8.30 ebusuku, kuMzansi Magic
UBUSUKU obunokuthula bukaNomkhosi buyaphela ngemuva kokungena komndeni wakhe wonke engalindele futhi baveza akade bengakulindele okubuyile. Inhliziyo kaGabisile iyamjikela. UMaNzimande wenza izinsolo ezinzima. Ibandla likaKhulekani lenza imali eningi kunelikaSphamandla. UNdlovu nomndeni bathatha isikhundla futhi bayazinza endlini yebandla. UNomkhosi ulwa kanzima empini ethinta uNtuthuko. Emizamweni yokugcina ibandla ukuthi lingaweli ezandleni zikaNdlovu onomhawu, uMaMzobe utshela uDifa ukuthi athathe ibandla. UNomkhosi ukufuna ngamandla ukuqala ikhasi elisha. Abantu abangalungile balobizela isihlalo sikaKhulekani sokuhola ibandla. UNomkhosi ekugcineni uyaqoqa, uyahamba. UGabisile uthola ukuthi kukhulunywa ngaye ezinkundleni zokuxhumana futhi akukhulunywa izinto ezinhle. Kodwa ukhetha ukuthi yize kunjalo abe nosuku oluhle nolumnandi lo mcimbi wokuvalelisa kumatric.