ABOMSAKAZELI womphakathi iSABC baveze ukuthi imidlalo efana noZalo, ayiyi ndawo njengoba yenza kahle futhi kungenye yemidlalo efaka inzuzo.
Bakusho lokhu ngoLwesibili ngesikhathi behlangene nabezindaba ezindlini zawo umsakazeli womphakathi eThekwini.
AbakwaSABC bakhethe ukuhlangana nabezindaba ngenjongo yokuzobavezela ukuthi bami kephi ngokwezinhlelo zabo njengomsakazeli womphakathi.
UGugu Ntuli oyisikhulu emkhakheni wezokukhangisa, uveze ukuthi kuningi abahlele ukukwenza ukufukula iSABC ukuya phambili.
“Izinhlelo esibona ukuthi zenza kahle eziteshini zethu zonke sizimisele ukuthi siqhubeke nokukhuthaza abazibhekile ukuthi baqhubeke nokwenza umsebenzi oncomekayo. Kanjalo nemisakazo ehlukene eyenza inzuzo nayo sizimisele ngokuthi ikuqhube lokho. Umsakazo uKhozi FM ungesinye seziteshi esiziqhenya kakhulu ngaso. Izinhlelo abanazo zenza abantu bazithokozele, siyabakhuthaza ukuthi baqhubeke nazo. Kulezi zinhlelo kukhona i-Nyusi Volume eyenzeka njalo ekupheleni konyaka,“ kuchaza uGugu.
Uthe yize kuke kwaba nezikhalo ngomdlalo Uzalo kodwa sebekhethe ukuthi njalo baqhamuke kuwo ukuze bezobona ukuthi yini abasunguli bawo abeza nayo.
“Ngikhuluma nani nje, manje abaphathi bethu ababili abasuka eSABC bahambele kulo mdlalo ukuyobheka isimo khona. Imidlalo enye esiziqhenyayo ngayo emisha okukhona kuyo othi u-Bettina Wethu nezinhlelo zezindaba, ezemidlalo nemicimbi ehlukene yezindondo eyenzeka kuleli.
“Okunye abantu abangakwazi ukuthi siphinde sibuyisele emphakathini njengoba besiyingxenye yomuzi okade uvulwa eWeenen kuleli sonto,” kuchaza yena.
Uthe kubajabulisile futhi ukuthi benze inzuzo kaR43 million, nokuyinto abayigcina eminyakeni emihlanu edlule.
USbongi Ngcobo ongumphathi woKhozi FM, uveze ukuthi ezinhlelweni zalo nyaka bazoqhubeka nomkhankaso wokuhlonipha abasakazi besifazane ababeyibambile kulo msakazo kudala.
Uthe kulo nyaka bazohlonipha uZamambo Mkhize ngendlela efanayo abahlonipha ngayo uWinnie Mahlangu.