UMAKOTI wakwaMpisane, uTamia oshade indodana kasomabhizinisi waseThekwini uShawn Mkhize, u-Andile, uthi akubanga lula ngendlela abecabanga ngayo ukuqopha uhlelo iKwaMaMkhize ayingxenye yalo njengoba luqala ngoLwesine.
UTamia usengomunye wamalungu omndeni ozobonakala kusizini yesibili yohlelo iKwaMaMkhize kuShowmax.
Uthe ujabule ukuba yingxenye yalolu hlelo nomndeni wakhe nokuyinto angakaze ayenze ngaphambili.
“Ukuqopha akukhona umdlalo. Ngesikhathi ngiqopha kumele uziphathe kahle, wenze into ngendlela elungile. Kumele ufike ngesikhathi futhi uhambe konke obuzokwenza usuqedile. Ngesikhathi siqala, ngangicabanga ukuthi konke kuzoba lula kodwa hhayi ube mningi bo umsebenzi. Okunye engikubonile ukuthi uma sivuka nje embhedeni, naba abantu sebekhona namakhamera futhi ke akukho esingakwenza bekumele sikwenze ngoba savuma,” kusho uTamia.
Uthe unovalo ngalolu hambo nokuzoqhamuka kulo kodwa uyathemba ukuthi uxhaso lomyeni wakhe nomndeni luzokwenza konke kube lula.
“Ohlelweni abantu bazobona okuningi nami engizokuletha. Bazongibona emisebenzini yami njengonkosikazi, umama, indodakazi nomphathi la ngisebenza khona. Ezinkundleni zokuxhumana abantu bajwayele ukuthi ngiyathula ngihlale ngingasho lutho, kubona ngithi ababuke uhlelo bangibone ngikhuluma, ngakho nje bazongibona ukuthi ngiwubani ngempela,” kuchaza yena.
Uthe izingane zakhe zizobonakala ohlelweni kodwa kuzoba ngendlela ezolawuleka njengoba abantu babuye babe nezinkulumo ezinganambitheki.
Uveze ukuthi izingane zakhe zibaluleke kakhulu kuye futhi konke kusezandleni zakhe ukuthi azivikele.
“Abantu abalubuke lolu hlelo ukuze babone ukuthi siphila kanjani siwumndeni futhi yiziphi izinto esizenzayo uma sihlangene. Sinezikhathi la sijabula khona futhi ngezinye izikhathi kuba khona la singaboni ngaso linye njengabantu, ngakho konke bazokuthola,” kuchaza yena.