UDOKOTELA Mbuyiseni Ndlozi, owayengumkhulumeli we-EFF nelungu layo lePhalamende, uthole amadlelo aluhlaza kungakapheli nezinsuku ezingakanani esulile eqenjini.
UNdlozi oke wasolwa wubuholi be-EFF ngokuthi ungomunye wabantu abazojoyina i-MK, wamiswa kwi-EFF kusele izinyanga kuyiwe engqungqutheleni ebingoDisemba, lapho kukhethwe ubuholi obusha.
“Ngangilokhu ngizama ukuthola ukuthi kwenzekani ngoba ngangimisiwe. Nganquma ukuthi ngime kuyona yonke into ukuze ngigeze igama lami. Bengilokhu ngizama ukuxhumana nabaholi, ngithole nokuthi kwenzekani kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Ngatshelwa ukuthi udaba lwami luyoze lulungiswe emva kwengqungquthela,” kusho uNdlozi, othe sibuhlungu isimo abhekana naso esolwa ngento engamanga.
Emuva kwalezi zivuvaba, uNdlozi uthe usebheke ukuya emkhakheni wezemfundo, noma ayosebenza nezinhlangano zomphakathi ezilwela amalungelo.
“Anginalo iqhaza engizolibamba epolitikini yamaqembu, ngifisela okuhle kodwa ozakwethu kwi-EFF, anginanxa nabo. Ngiyikhathulile indima yami kwezombusazwe,” usho kanje.
Kumangale abantu abaningi ngesikhathi enengxoxo ekhethekile nesikhulu sePower FM, uGiven Mokhari, kwenziwa isimemezelo sokuthi le nsizwa ethandwa ngabaningi isizosakaza kuwo lo msakazo ngokugcwele
UNdlozi uzoqala kulo msakazo ngoMashi 3, 2025 ethatha uhlelo lukaLerato Mbele iPowertalk okunguhlelo lwasemini yasekuseni phakathi kuka-9-12 ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu.
Lezi zindaba zithakaselwe abaningi njengoba kubonakale nonobhala jikelele we-ANC uMnuz Fikile Mbalula ephawula ngokuthi: “UDkt Mbuyiseni Ndlozi uphawu lwenhlonipho nokuzihlonipha, konke okuhle ngekusasa lakho.”
@pentacles2024: “Ubekwe kahle emsakazweni njengoba engumuntu othakasela lukhulu empilweni. Umsakazo uyithuluzi lokuxhumana elingokomoya ngakho ubekwe kangcono ukusabalalisa umyalezo neqiniso.”
@IsaacMbongela:“Usebenzisa ukuba yisisulu. Kuhle ukufaka umfutho kulokhu abantu besamzwela kungakadluli ngoba konke kuyadlula.”
@Majola724: “Bashaye into ecokeme kakhulu uMbuyiseni Ndlozi nePower FM, angikubonanga-ke lokhu. Ubhuti uzophumelela kukho konke ngaphandle kokungenela ipolitiki okuwumdlalo ongcole kakhulu lapho engazange abongwe ngokwenele.”