OBENGUMSAKAZI wesiteshi samakholwa esizinze ePinetown, iMbokodo FM 98.6 usola umfundisi webandla labasindisiwe, iSibusisiwe Christ Tarbenacle, uSenzo Myeni, ngokuzitika ngocansi naye maqede wamlaxazisa okwamafinyila.
UNksz Londiwe "Mama G" Gumede (32), oke wangena kwiTop 3 yoKhozi FM yabasakazi besifazane abasafufusa, uthi bebezitika ngocansi ezindaweni zomtakabani futhi bengalisebenzisi ijazi lomkhwenyana ngoba wamthembisa ukumenza unkosikazi wesibili.
Elandisa ngokuthandana kwabo uMama G ubeke kanje: "USenzo nami besijola kumnandi, sizikhipha siyodla izidlo zasemini nezasebusuku. Sichitha ubusuku ndawonye, sithandana nje kumnandi. Enginika isikhathi sami. Nganelisekile. Ngijabule futhi engiphatha kahle."
Uthe izindawo ebebejwayele ukuyozitika kuzo futhi benza zonke izitayela zocansi ongase uzicabange, yiseZimbali, eBallito, naseSalt Rock Hotel eMhlanga.
"Ngolunye usuku waze wafuna nokuthi siziqophe nevidiyo sijabulisana ngocansi. Sigcine ukuzitika ebusuku bangomhla ka-24 nasekuseni kwangomhla ka-25 Ephreli, eBallito."
Uthe uMyeni wayisebenzisa kanye ikhondomu ngoba wayefuna ukudonsa isikhathi eside futhi ubekhonze ukuba ngaphezulu, ekubeni uMama G naye ekhonze ukuba ngaphezulu. UMama G uchaze uMyeni njengendoda enothando ebihlale imgixabeza ngezipho, izimbali, imali nge-eWallet nangokheshi.
"Okunye umam'khulu (esho umkaMyeni) nami sizalwa ngosuku olulodwa okungumhla ka-2 Ephreli."
UMama G uthe ushintsho ebudlalwaneni babo buqale ngesikhathi esenqaba ukubonana naye ngezinye izinsuku ngenxa yokuxinwa yimisebenzi nokuhambela izindawo.
"Ngokuphazima kweso umfundisi uqalile wabanda futhi wangabe esanginamela. Uma ngimbuza azivikele kuze kube sengathi ngiyamhlukumeza. Sixabane."
Uthe okubhidlize ubudlelwano babo kube ukutshela uMyeni ukuthi weqiwe yinyanga.
"Ngathi ngidinga ukubona udokotela, igynaecologist kodwa wangiziba." Uthe ufuna ukuqinisekisa ukuthi akakhulelwe yini nokuthi akamthelelanga yini ngezifo zocansi. Eziphendulela uMyeni uvumile ukuthi uyamazi uMama G kodwa baqale ukwazana kusukela ngoMashi 3 kulo nyaka.
"Wayefuna ngimthumelele izithombe engazishutha nabo ngefoni yami."
Uthe besebezwana kakhulu futhi bethumelelana nemiyalezo, betshelana nezimfihlo. Ebuzwa ukuthi uke wajola naye noma bazitika ngocansi, uMyeni ungene ezintangeni. Wabika imbiba, wabika ibuzi. Uthe uzwile ukuthi uMama G uhamba etshela abantu ukuthi ukhulelwe ingane yakhe.
"Abanye ubatshele ukuthi ukhiphe isisu sami." Uchaze uMama G njengomuntu wesifazane onamanga futhi othengwe ngabantu abasanda kuxoshwa ebandleni lakhe ngezinhloso zokungcolisa igama lakhe. "Ufuna ukubuyela phesheya kuyise wengane yakhe esengcolise igama lami. Engingakusho nje ukuthi angikaze ngamthembisa umshado noma ngamkhulelisa. Nalokho ungazise ngakho namhlanje (esho ngoLwesihlanu)," kuphetha uMyeni, obuye athule izinkulumo ezakhayo emphakathini.
Isolezwe NgeSonto lizibonile ezinye izinkulumo zikaWhatsApp phakathi kukaMama G noMyeni.