ZIYAMBHEDELA umsakazi, okuthiwa uzobhekana noxhaxha lwamacala ahlanganisa ukubhadanywa nezibhamu ezinkulu ezingekho emthethweni, uxhaxha lwezinhlamvu nenjini yemoto eyebiwe emzini wakhe.
Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, ukuqinisekisile ukuthi lo msakazi (40) uthunyelelwe incwadi imcela ukuba avele phambi kweNkantolo yeMantshi yaseShowe, ngoDisemba 12, 2023.
"Lokhu kulandela udaba lwangoNovemba 2020, lapho amaphoyisa athola isibhamu sohlobo lwe-AK 47, i-.22, i303, izinhlamvu nenjini yemoto eyayicishwe izinombolo ngesikhathi esesha emzini wakhe oseShowe. Uphenyo lwamaphoyisa lusathole ukuthi isibhamu i-.22 ne-303 kwantshontshwa mhlazane kugqekezwa komunye umuzi eRichmond ngo-2016.”
UNetshiunda uthe umsebenzi wakwaSABC, uzobhekana necala lokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni, izinhlamvu ezingekho emthethweni nempahla eyebiwe.
Kwenzeka lokhu nje kunomsakazi osanda kuphumela obala ethi usatshiswa ngokuboshwa ngamaphoyisa. Wayekhuluma ezinkundleni zokuxhumana exolisa ngokugxeka amaphoyisa abizwa ngeNIU.
"Sekuthanda ukuba nzima ngoba sengithola isexwayiso sokuthi ngingaboshwa nanoma yinini ngoba kuthiwa nginezibhamu. Le nkulumo angiyazi ngoba ngesikhathi ifika kimi ngoLwesibili, ngizamile ukuyiziba kodwa ngathola ukuthi namaphoyisa amaningi aseyayazi. Anginazo izibhamu. Nakuba ngiyaye ngizibone izibhamu, wukuthi ekhaya kunenkampani yonogada. Ekhaya zikhona izibhamu. Bakhona abafowethu abàziphathayo, ezabo. Kodwa ngeke ngizikhombe ngamagama azo. Azifihliwe. Sengiyasaba. Ukusineka kuphelile."
Wathi akazi noma uzodutshulwa kuthiwe utholakale nezibhamu noma uzoboshwa ngoba kuthiwa sekutholakale izibhamu lapho ehlala khona. "Uma kuwukuthi yonke lento yokuboshwa kwami kusukela kule nkulumo. Ngiyaxolisa mina ngoba sekuthanda ukushuba manje. Ngingumuntu wesifazane mina. Akufanele ukuthi ngoba kunephutha engilenzile, sekufanele amaphoyisa ahlome ngaleyo ndlela, sekufanele angicekele phansi. Nginamandla angakanani."
Esephetha wathi uma kwenzeka etholakala nezibhamu noma edutshulwa kuyofanele abantu bazi ukuthi ubesekulindele.