‘NJENGOBA ngizobe ngigubha usuku lwami lokuzalwa ngomhla ka-29, isifiso sami ngukuhlala ngixhumene noNkulunkulu, ngiwumqemane, ngihlakaniphile, ngiqatha futhi nginemali. Yebo ngiyakholwa ekwakhiweni komnotho. Ngiyema lapho!!!"
Yiwo amazwi abhalwe ngobeyintatheli yoKhozi FM kwiFacebook, uBongani Mavuso, ngaphambi kokudlula emhlabeni esibhedlela saseMhlanga izolo.
Izindaba zokudlula kwalolu qweqwe obelwethula Ezangempelasonto, ziqinisekiswe ngokhulumela umndeni, uMajuba Mavuso, oke waba yiMeya yaseDumbe. Uthe uBongani uxinwe ngukugula ngoMsombuluko okuphoqe ukuthi aphuthunyiswe esibhedlela kanti usezoshona.
UBongani ubeyintatheli enohlonze eyake yaphelezela obengumengameli wezwe, uJacob Zuma futhi wakhiphela eshashalazini uMntwana waKwaPhindangene, inkosi Mangosuthu Buthelezi noMengameli Cyril Ramaphosa.
Ubengagxilile ebuntathelini kuphela kodwa nasemculweni ubebambe iqhaza njengoba evumbulule abaculi abaningi okubalwa kubo noZama Radebe, Vusi Ngcobo noZekani Shangase. Ubebuye abe ngusonkondlo obhale inqwaba yezincwadi okukhona kuzo ethi The Undying Spirit of a Dead Man; Zibuyela Ezimpandeni; Inhlasi; Inkasa Yenjulane: Zimbali Zemfolozi.
Incwadi ayihlela ethi Izintombi Zengcugce igcine seyifundwa e-Unisa. Ubezishaya isifuba ngokuthi akabhaleli indlala kodwa uqhutshwa wuthando lokubhala ngomlando kaZulu.
Kuma-albhamu ahambe emhlabeni ewaqophile kukhona ethi, African Giants neStory of My Life. Usungule inqwaba yemiklomelo yezindondo futhi wavumbulula ikhono ezimbongini ezihlonishwayo okubalwa kuzo uSiyabonga Mpungose noMagcwabe Mabaso.
Ubuye wahlonipha amaciko asaphila anjengoMzwakhe Mbuli, Madala Kunene futhi wakhumbula nezingqalabutho ezingasekho ezingoSolwazi Sibusiso Nyembezi noSolwazi W Vilakazi. Naye uke wahlabana ngemiklomelo eminingi okubalwa kuyo iLiterary Journalism Awards kumaSALA futhi walala isibili kuma-2022 Avbob Poetry Competition, okuwumklomelo ahlabane ngawo ngoLwesithathu olwedlule.
Unelebuli lezimpahla zokugqoka ezibizwa nge-Imhotep nezimoto ebeziqashwa ngabafuna ukuthatha uhambo.
UBongani wazalelwa eDumbe futhi uneziqu zobuntatheli. Ubebuye abe nengosi yosonkondlo ohlelweni lukaDudu "Lady D" Khoza ngoLwesihlanu, iBack To My Roots.
Wake waba yilungu lebhodi leNational Arts Council, Gcinamasiko Heritage Trust neSiZulu National Language. I-ANC eKZN, i-IFP neMeya yaseThekwini uMnuz Mxolisi Kaunda, bakwabadlulise amazwi enduduzo.
Size saya koshicilela singakayitholi imininingwane eminingi ngezinhlelo zomngcwabo nenkonzo yesikhumbuzo. Izindaba zokudlula kwakhe emhlabeni zithinte abantu abaningi kuleli.
Ezinkundleni zkuxhumana besisikhulu isililo abantu bemangala ukuthi lo mshophi wehle nini njengoba uBongani bekungakaze kuzwakale ukuthi uxinekile.