NGESIKHATHI owesifazane waseMpumalanga ezwa ingoma yomculi kamaskanda, uMroza Fakude, ihlukanisa unyaka oKhozini ngo-2016, izihlathi zakhe zavakashela izindlebe.
UNksz Thethiwe Mahlangu wachichima kakhulu injabulo esethola izindaba zokuthi nguye umlaleli owabaqwaqwada bonke emakhanda kwiSABC Summer Song of the Year.
Inhliziyo yagxuma nephaphu esezwa nokuthi uzihlabanele ngonyanyavu lwemoto yohlobo lweKia Picanto, olubiza isamba sikaR250 000.
UNksz Mahlangu waphenduka usaziwayo ngemizuzwana nje embalwa njengoba wayehla enyuka, ephuma engena eziteshini zemisakazo nezethelevishini nasemaphephandabeni imbala. Kuwubuphaqaphaqa, amakhamera emshutha, esewusaziwayo neqhawe ngakubo. Unyelwa yinyoni esandleni nje usathungathana namathuba emisebenzi.
Wayengazi ukuthi lo mklomelo wawusho ukuqala kwezinkinga phezu kwezinye njengoba ewuhubhe kwaze kwaba yinamhlanje kodwa dololo. Lo mqhudelwano wawenziwe ngokubambisana yiSABC nomsunguli wawo u-Owen Ndlovu weMichael Owen Productions kusukela ngo2016.
Uthe waxhumana noNdlovu okunguye owamthatha wamyisa enkampanini ekhiqiza izimoto, yathi ikhona imoto kodwa ilindele inkokhelo kwaSABC.
Isolezwe libe selithinta okhulumela iSABC, uNksz Gugu Ntuli, ukuthola ubuqiniso balolu daba.
UNksz Ntuli uthe inhlangano yezokusakaza eNingizimu Afrika (SABC) yakwenza konke eyayikuthembise esivumelwaneni eyayisenze nabagqugquzeli balo mncintiswano iMichael Owen Productions kaNdlovu.
"Nakuba kunjalo, umgqugquzeli (uNdlovu) wahluleka ukufeza ezakhe izethembiso zokunikezela ngomklomelo kumnqobi womqhudelwano. I-SABC yenziwa yakholwa ukuthi umnqobi usawuthola umklomelo."
Ephetha uNksz Ntuli uthe bazothatha zonke izinyathelo zomthetho ezingavela ukuxazulula le nkinga. Isolezwe libe selixhumana noNdlovu kodwa wacela ukungaphawuli ngenxa yokuthi kunezigatshana ezisesivumelwaneni ezimnqandayo ukuba aphawule.
Eqhuba, uthe iSABC ingasiphula leso sigatshana ngoba vele umphakathi uyixhasa ngemali ukuze ukwazi ukukhokhela abameli ekubeni yena engatholi nendibilishi kumalungu omphakathi.