UMSAKAZI wohlelo lwasemini kuMgungundlovu FM, uBongiwe "BP Indlovukazi" Nxele, uzogubha usuku lokuzalwa ngokunikela ngezicathulo kubafundi abaphuma emindenini ehlwempu.
UBongiwe (31), owenza uhlelo olusihloko sithi Emini Bebade, uthe uzonikela ngamapheya ezicathulo awu-32 kubafundi nasesikoleni ezihlukahlukene zangakubo ngoba naye uzobe eqeda iminyaka ewu-32 azalwa ngo-Agasti 16.
Le ntokazi yaseGibson's Gate, eLandskop, eMgungundlovu, ithe izobuye igubhe ukuqeda iminyaka ewu-13 iyibambile insimbi ishisa emkhakheni wokusakaza njengoba yaqala ngokufunda izindaba ngo-2010.
UBongiwe uthe ayikho into emphatha kabi njengokubona abafundi bangakubo beya ezikoleni ngaphandle kwezicathulo. "Ukusebenza nabantu beminxa ehlukahlukene yikho okungikhuthaze ukuthi ngiqhamuke nalo mkhankaso.
Lokhu akusho ukuthi nginemali eningi. Ngisebenzela isiteshi somphakathi kodwa ngokuncane engikutholayo ngithe angenze umehluko emphakathini wangakithi."
UBongiwe ungomunye wabasakazi abake bangena emzuliswaneni wamanqamu kuKhozi FM Winnie Mahlangu Female Presenter Search futhi useke wasebenza nasemsakazweni owenza inzuzo eNewcastle, iMvula FM.
Ubuye wenza umsebenzi wokuba yi-voice over artist eMnyangweni wezokuThutha KwaZulu-Natal nakwaLoveLife SA. "Njengamanje ngilwela ukuba ngigcine sengingomunye wabantu abavelele ezweni lonke."
Uthe usekwazile ukuqongelela inqwaba yezicathulo kodwa azikafinyeleli esibalweni asidingayo. Uthe ucela noma wubani ukuba aphonse itshe esivivaneni emkhankasweni ukwandisa isibalo sezicathulo size sifinyelele ku-32.
"Ngicela abazongilekelela ukuze ngikwazi ukufeza iphupho lami, ngokuthi banikele ngezicathulo ukuze sigqokise laba baholi bomphakathi bangomuso."
Uthe uyakholelwa kakhulu ukuthi nakuba isicathulo singeyona yonke into enganeni kodwa kuyenza ikukhuthalele ukufunda uma ifaniselene nontanga bayo.
"Abantu, izinkampani nezinhlangano, abafisa ukunikela bengangithinta ku-079 796 0555 noma bathumele i-email [email protected]. AbakwiFacebook bangathumela imiyalezo ku-Bongiwe BP Indlovukazi. Abanye bangaletha izicathulo ezindlini zokusakaza zoMgungundlovu FM ezise-283 Tourism Hub Building kuLangalibalele Street, eMgungundlovu," kuphetha uBongiwe.