UKHOZI FM lufakwe eNkantolo yeziMali eThekwini, ngumlaleli elusola ngokuthi lunqwaha noR5000 awuwina emsakazweni ngonyaka odlule.
UMnuz Ayanda Mdletshe, waseMgungundlovu, uthi wangenela umncintiswano weCastle Milk Stout, emsakazweni Ukhozi FM.
"NgoDisemba 31, 2021 ngafonelwa nguMroza Buthelezi noTshatha (Ngobe) bangitshela ukuthi ngiwine imali ewuR5000," kuchaza u-Ayanda.
Uthe wakujabulela ukuwina umncintiswano kodwa injabulo yakhe yaphenduka intukuthelo ngemva kwezinyanga engawutholi umklomelo.
“Kwathi ngoJanuwari 4, 2022 ngaya ezindlini zomsakazo ngoba ngibona kuthule kodwa abangivumelanga onogada ukuthi ngingene ngaphakathi. Bangixhumanisa ngocingo, kwathiwa ngeke kuphele izinyanga ezintathu ngingayitholile imali yami,” kuchaza u-Ayanda.
Kuthe uma kuphela izinyanga kuthulekile, wabuyela emsakazweni. Uthi bamxhumanisa noPhumzile Mthethwa, wathi akashiye imininingwane yakhe uzobuyela kuyena.
“Kunalokho bekuba yimina omthintayo, ekhala ngokuthi udaba lwami uludlulisele ku-Amanda Khanyile. Ngabuyela khona futhi emsakazweni, onogada bangixhumanisa noBongi Xaba, wazama ukubhalela u-Amanda Khanyile owagcina engaphendulanga,” kulandisa u-Ayanda.
Uqhube wathi ummangalele umsakazo enkantolo ngoba ebona ukuthi kudlalwa ngaye. Inkantolo yamnikeza incwadi emgunyazayo ukuthi abasele ukukhokhelwa isikweleti zingakapheli izinsuku eziwu-14. Kodwa uthi kuze kwaphela lezo zinsuku, lutho ukuphendula Ukhozi FM.
“Ngavula icala ngoJuni 2022. Kwathi ngosuku lwecala ngoJuni 27, 2022 alwangafika Ukhozi FM. Kwathi sekusondele izinsuku zecala ngathola umyalezo kwiWhatsApp, ophuma kuKhensani (Mkhombo) ezibiza ngeBrand Manager yeCastle Milk Stout, ecela imininingwane yami. Wathi uma ngingamniki kuzophela ngomklomelo wami,” kusho u-Ayanda.
Isolezwe ngoMgqibelo lithintene nenhloko yezokuxhumana kwaSABC uNksz Ndileka Cola, yathi udaba iyalwazi futhi bayaluxazulula ngoba yibo ababhekeni nokwamukeliswa kwemiklomelo kwabawinile.
“Nakuba kunnjalo, isiteshi sizokwenza konke kuhambe ngempumelelo ngoba umlaleli nekhasimende lethu besemqoka emsakazweni,” kuphetha uNksz Cola.
Uthi uKhensani wathembisa ukuthi ngeke ziphele izinsuku eziwu-14, bengamkhokhelile kodwa u-Ayanda uthi namanje akakatholi lutho.
Ebuzwa yiphephandaba uKhensani Mkhombo, oyiBrand Manager yeCastle Milk Stout, uthe wamtshela u-Ayanda ukuthi umklomelo wakhe uzowuthola kepha kumele kulandelwe imibandela yomncintiswano.
“Ngimshayele mina ucingo mathupha, ngicela imininingwane yakhe ukuze ngiqale uhlelo lokuqinisekisa ukuthi uyawuthola umklomelo wakhe,” kuchaza uKhensani.
Uthi wamtshela u-Ayanda ukuthi isizathu sokuthi kubambezeleke wukuthi kunendlela okwenziwa ngayo izinto futhi kungase kuthathe isikhathi ngoba umklomelo uzosuka eGoli, uthunyelwe eThekwini.
“Ngiyakuqonda ukukhungatheka kwakhe ngendlela okuthathe isikhathi eside kangaka kodwa kufanele sithathe izinyathelo ezidingekayo ukuze siqinisekise ukuthi umklomelo uthunyelwa kumuntu ofanele,” ephetha uKhensani.