KWESINYE isikhathi ukufakwa ebusuku emsakazweni kusuke kungasho ukuthi sekuphelile ngaloyo msakazi.
Ngikubuke lokhu ngoNtombikayise Meso owazisiza wangayiduba iRadio 2000 ngesikhathi esuswa emini eseyofakwa ebusuku eminyakeni emithathu eyedlule.
UNtombi wayengena ngo-12 kuya ku-3 emini, phakathi nesonto, ngaphambi kokuthi kwenziwe izinguquko ngo-2020. Lezo zinguquko zenza ukuthi asuswe kufakwe uDavid Mashabela esikhaleni sakhe, yena wabe eyophonswa ngo-10 kuya ku-12 ebusuku ngoMsombuluko kuya kuLwesine.
UDavid yena wayesuka ku-9 kuya ku-12 emini phakathi nesonto isikhala sakhe savalwa nguCarol Ofori.
UCarol akahlalanga kakhulu ngoba kuthe ngasekupheleni kwawo u-2020, wayilaxaza iRadio 2000 eyojoyina i-East Coast Radio. Yilokho kanye okunikeze uNtombi ithuba lokubuyela ezinhlelweni zasemini ngoba kuthiwe akabambe uhlelo.
Ukube kuthiwa ukuyiswa kwakhe ebusuku kwase kuyingenxa yokuthi uyabheda, ubengeke bambuyise emini ukuthi azobamba.
Empeleni ungene khaxa ngo-9 kuya-12 ohlelweni iBetter Together kangangokuba nanamahlanje usalwenza lolu hlelo.
Lolu hlelo lungezinye ezenza iRadio 2000 ibe yisiteshi esimnandi kangaka. Ngonyaka odlule, kumaRadio Awards umdidiyeli walo uNthabiseng Mamanbolo uqokelwe emunxeni womdidiyeli ovelele.
Lokhu kungenxa yokuthi ulupheka kahle uhlelo futhi noNtombi ulwethula ngendlela. Uhlelo lwakhe lukhuluma ngezihloko ezihlabahlosile futhi nomlaleli uba yingxenye enkulu yalo akasali.
Okunye yindlela uNtombi alwethula ngayo, ushaya into ecokeme. Bese kuzoba wumculo-ke. Ushaya emhloleni. Empeleni nje isiteshi sonke iRadio 2000 sidlala umculo omnandi.
Nabanye bengafunda ukuthi ukususwa emini ufakwe ebusuku akusho ukuthi sekumele udube kodwa kuthathe njengokuyokhokha umoya ube uzithuthukisa nekhono.
Ungangibhalela [email protected], kuFacebook Fanele Bengu noma kuTwitter @Fanele Bengu.