Ukhozi FM luphinde lagawula kwiGagasi FM njengoba lumatasatasa luhlanganisa izinhlelo ezintsha ezizoqala ukuzwakala emoyeni ngo-Ephreli 1.
Kusuka kuqale isonto abaphathi bahlangana nabasebenzi besiteshi ngenhloso yokubhunga ngezinkontileka ezintsha.
Umthombo ongaphakathi oKhozini uthe kulandwe uSibongiseni "Keys" Mkhize, oyi-technical producer kwiGagasi, ukuthi ayokwenza umsebenzi ofanayo kulesi siteshi.
"Angazi kahle ukuthi uzongena kuluphi uhlelo kodwa sengathi uzofakwa kwezingena emini phakathi nesonto," kusho umthombo.
Omunye umthombo uthe uSiya Mhlongo usezobuyela ekugxileni oKhozini kuphela njengoba inkontileka yakhe ingavuselelwanga kwiMetro FM.
"Angazi ukuthi kungani uSiya bemchitha kwiMetro FM ngoba angizwanga lutho ngokungahambi kahle. Kodwa zikhona izinguquko ezimbalwa kwiMetro ngoba noDJ Le Soul usevele uhambile elandela uDJ Naves naye owazishiyela," kusho umthombo.
Omunye uthombo uthe kubantu abazothola izinhlelo ezintsha kwiGagasi FM kubalwa kubo uSizwe Sibisi ongena ebusuku ngezimpelasonto.
Okhulumela iGagasi FM, uKhulekani Shandu, uthe ngeke avume futhi aphike kodwa bazocacisa konke maduze.
"Akusensuku zatshwala ngaphambi kokuthi sinimeme, sinitshele konke ngezinhlelo zethu ezintsha," kusho uKhulekani.