INTOKAZI yaKwaMachibisa, eMgungundlovu, uSiphiwe Sibiya, okuyiyona ekhale yemuka nesicoco kwiWinnie Mahlangu Next Female Presenter Search kuKhozi FM, igabe ngolwazi namava kwezokusakaza.
USiphiwe (34), owenza uhlelo lwangeSonto kuMgungundlovu FM, uqumbe phansi ozakwabo abesesele nabo emzuliswaneni wamanqamu, okungoMinenhle "Minimizer" Masondo-Zulu, Nolwazi Nkosi Dlamini noSamkelisiwe “Sammy” Gina beNongoma FM.
Le ntokazi ibonge kakhulu abantu abayixhase ngamavoti kanye nesiteshi esisakazelayo Umgungundlovu FM.
Umphathi wezinhlelo oKhozini, uPearl Biqose, uthe uSiphiwe uwine inhlolokhono abeyenze ngoLwesine futhi izinga lalo nyaka belicokeme kakhulu njengoba bekungenele abantu abangaphezu kuka-4 000. Uthe bazoqala bampheke uSiphiwe ukuze agcine eseyincushe emkhakheni wezokusakaza nokuphrojusa izinhlelo.
USiphiwe ulandele ezinyathelweni zikaZama Mseleku (2020), Bingelela Mpanza (2021), Londa Mbatha (2022) noNozipho Zulu (2023).
Ngaphandle kokuthi uSiphiwe unamava eminyaka ewu-11 emkhakheni wezokusakaza njengoba aqala ngo-2013 kodwa ubuye agabe nangeziqu zeJournalism and Media Studies kanye nezeRadio Production azenza eCreative Arts College, eMgungundlovu.
Uqale ukusebenza emsakazweni i-104KZN Capital FM ngaphansi kweso elibukhali lengqalabutho uJerry Jones.
"Ngaqala ngaba uphrojusa ohlelweni lwezingane iKiddies' Corner nakwezemidlalo. Ngangibuye ngibambele umethuli wezemidlalo uma engekho emuva kokucelwa ubaba uJerry ngoba ethi uthanda iphimbo lami. Ehlezi ethi njalo, uma ngisakaza, nginephimbo elihlukile. Athi uyangibona ngikhula emsakazweni," kusho lo msakazi owafunda eSigodini Primary ngaphambi kokuphothula u-matric e-Edendale ComTech High.
Ngenxa yokuthi wayegabe ngesipiliyoni kuphela, yingakho abuyela esikoleni wafunda wagogoda ezifundweni ze-Electrical Engineering eVaal University of Technology, eVereeniging kodwa ngenxa yobizo lokusakaza, uSiphiwe ugcine eseyofundela ukusakaza.
Eseziphothulile izifundo zakhe wabe eseqashwa wuMgungundlovu 107 FM, okuwumsakazo owasungulwa wuMuzi Sibiya ongasekho.
USiphiwe waqala esakaza uhlelo lwaphakathi nezinsuku ngo-9 ebusuku kodwa njengamanje usakaza olwangeSonto ngo-3 ntambama iThe Blast From The Past.
Uthe kulolu hlelo unengosi ehlale inezihambeli ezehlukahlukene iThe Hot Seat with Siphiwe Sibiya.
Ngaphandle kokusakaza, uSiphiwe ubuye abe yinxusa lenkampani yamaqakelo, i-Always, ahlale ehambela nayo izikole ngenhloso yokunikelela abafundi besifazane ngama-pads.
.