NC: Ngabe likhona ibandla okhonza kulona? Uma likhona, yiliphi futhi ngobani abaholi balo?
NN: Mina ngiyilungu lebandla iPen Ministries. Abaholi balo ngabazali bami, ubaba uHhashi Elimhlophe nomama wami uLinah, ongizalayo.
NC: Ngabe ungumuntu okholelwa kangakanani emandleni omkhuleko?
NN: Kimina umkhuleko uyinto enkulu kakhulu. Ngiyaqonda futhi ukuthi umkhuleko unamandla angakanani empilweni yami.
NC: Uma ubheka impilo yakho ngeso elibanzi, ngabe yiziphi izinto ezimbili ongazibalula uthi, uyambonga kakhulu uNkulunkulu ngokukubusisa ngazo futhi zibululeke kangakanani lezo zinto empilweni yakho?
NN: Okokuqala nje, ngithanda ukumbonga kakhulu uNkulunkulu ngokungibusisa ngomndeni okwaziyo ukuthi ungeseke ngazo zonke izikhathi. Okwesibili, ngimbonga kakhulu ngabazali bami, bobabili.
NC: Ngabe sikhona yini esimo esinzima osuke wabhekana naso empilweni yakho ongathi uyambonga kakhulu uNkulunkulu ngokuthi akuhlenge ngesikhathi ubhekene naso?
NN: Ngimyabonga kakhulu uNkulunkulu ngokuthi angigcine, anginikeze isibindi ngesikhathi ngishonelwa ngabantwana bami ababili. Kodwa uNkulunkulu emuhle, ngimbonile enginikeza amandla anele okuthi ngikwazi ukuthi ngibhekane naleso simo esasinzima kakhulu.
NC: Eminyakeni emihlanu kumbe ewu-10 ezayo, ngabe yini okhulekela ukuthi uNkulunkulu akubusise ngayo futhi leyo nto isho ukuthini kweyakho impilo?
NN: Ngikhulekela ukuthi uNkulunkulu abe nami ibonakale idlondlobala inhlangano yami egxile ekugqugquzeleni nokweseka omama abashonelwa ngabantwana babo. Ngifuna ukubona inhlangano ikhula ngoba inomthwalo omningi kakhulu okumele ibonakale iwenza ezweni lonke.
NC: Ngabe likhona kodwa izwi loMdali elikuvuselelayo elilotshwe embhalweni oNgcwele futhi lisho ukuthini kuwena ?
NN: Likhona, yileli vesi elitholakala kuJeremaya 29 vs: 11 lifundeka kanjena: “Ngokuba ngiyazazi mina izinhlelo enginazo ngani. Izinhlelo zokunithuthukisa hhayi ezobubi, izinhlelo zethemba nekusasa lenu.”
Kimina lisho lukhulu futhi liyangigqugquzela ngaso sonke isikhathi. Njalo uma ngilifunda ngiye ngizizwe nginamandla amasha okuthi ngibhekane nempilo.