EZIMNANDI zingene itetemuka phesheya kwezilwandle intandokazi kaDJ wesifazane waKwaMashu, ezojoyina isikhondlakhondla somsakazo.
Ethintwa yiSolezwe ngeSonto uDJ Le Soul ngokuqashwa kwakhe iMetro FM, uthe ujabule ngendlela eyisimanga futhi akazi nokuthi enzenjani.
“Ngikhuluma nawe nje ngise-USA. Okungichaze kakhulu wukuthi iMetro ngeke ibe nenkinga ngomsebenzi wami futhi ithembise ukuthi uma ngidlala endaweni ethize kuzokuba neveni engizosakazela kuyona,” kusho uLe Soul obehluleka nawukuzibamba yinjabulo.
Uthe akasoze akhohlwa yilapho adlule khona ngoba ucabanga ukuthi izindawo adlule kuzona bezimqeqeshela iMetro FM. Ubale iVibe FM, ahlale kuyona iminyaka emibili nohhafu, athe wayengumdidiyeli wohlelo olubizwa nge-Entertainment Summit.
“Ngisuke lapho kulolu hlelo engangilwenza noSizwe Blose ngangena kwiGagasi FM ngibenzela iGig Guide ohlelweni lukaMzo Gumede, ngagcina ngiqashiwe. Ngihlale khona iminyaka emihlanu.
Lo msakazi obuye aklwebhe amaplenti, one-albhamu ayikhiphe ngoNovemba nyakenye, egabe ngengoma ethi Amabele, esihloko esithi Soul Awakening, uphethe ngelithi, ithuba alinikiwe lisho lukhulu kuyena kwezokusakaza, futhi liyisiqalo sokuningi okuhle okuzayo kulo nyaka.
Uthola lezi zindaba ezimnandi nje bekungakapheli ngisho nonyaka eshiyile kwiGagasi FM, lapho amamezele ekhona ukuthi usefuna ukugxila emculweni, njengoba esekhuza ibuya nje ngeMetro FM.