INTOKAZI yaseThekwini eyaqopha umlando ngokuba wuDJ wokuqala wesifazane ukuhlukanisa unyaka oKhozini ngo-2021, uHlosiwe "DJ Hlo" Mthalane, useklwebha amapuleti kwiGagasi FM.
UDJ Hlo, wodumo lwengoma ethi Isibani nethi Festive, udidiyela izingoma ohlelweni lukaDJ Sonic noKhaya Mthethwa, iMidday Connexion ngoMsombuluko kusukela ngo-1 emini.
Echaza ngokuthola le ngqayizivele yethuba, uDJ Hlo uthe wacelwa yizikhulu zalo msakazo ukuba azobamba iqhaza kulolu hlelo emuva kokudlala ohlelweni lukaDJ Happy Gal.
Uthe kusho lukhulu kuye ukusebenzisana nomsakazi osezingeni leGagasi.
"Kuyangijabulisa ukuthola ithuba elinjengaleli ngoba abantu bayazizwela ama-mix ami njengoba edlala bukhoma kwiGagasi FM. Abalaleli bathola nethuba lokuzwa ukuthi ikhono lami lokuba uDJ alipheleli emculweni wama-piano kuphela kodwa ngibuye nezinye izinhlobo zomculo ezinjengegqom', deep house ne-Afro house."
Uthe abalaleli bayayithakasela kakhulu ingxubevange yakhe ngoba useyoqeda inyanga yesibili enza adume ngakho kulo msakazo ozinze eCornubia Mall.
Selokhu uDJ Hlo ahlukanisa unyaka oKhozini, akasenasinqe ngoba usengena ephuma emazweni angaphandle futhi useqashwa nasemicimbini emikhulu.
NgoSepthemba nyakenye, uDJ Hlo ubebhulelwa amazolo yizingwazi zase-Afrika kumaShining Star Africa Awards abeseCotton Lounge, eSandton, eGoli.
Aze avale umcimbi nje, wayemele iNingizimu Afrika emunxeni weBest Star Club DJ of the Year lapho ayeqhathwe khona noMonatz noDJ Charlz baseTanzania kanye noDJ Nelly. Sekungumlando ukuthi umhlanganiso wadliwa nguye ngoba engacushwa ngevoti.
Kwakungekhona okokuqala emela elakuleli emqhudelwaneni wamazwe ngamazwe.
Ngo-2022 wayeqokwe kumaZikomo Africa Awards abeseZambia kodwa wangalibona elidlalayo.
Uthe kuyamsebenzela ukungenela imiqhudelwano yamazwe angaphandle ngoba kwenza ikhono lakhe lisabalale njengoba esebuya naseNamibia.
Kwenzeka lokhu nje, uDJ Hlo umatasa ulungiselela uchungechunge lwamakhonsathi ase-USA nokukhipha umucu afuna uthakaselwe wumhlaba wonke njengoba amehlo akhe esethe njo kumaGrammy Awards.