UDJ waKwaMashu, uNonkululeko Precious "Le Soul" Mdlalose, unyelwe yinyoni esandleni njengoba engomunye wabasakazi abasha beMetro FM abamenyezelwe.
Le ndodakazi yomfundisi izosakaza uhlelo oluthi The Urban Beat noRyan the DJ ngoLwesihlanu nangoMgqibelo phakathi kuka-10 no-12 ebusuku.
ULe Soul (32) akasiye umafikizolo kulo mkhakha wezokusakaza kodwa usenamava.
Waqala ukukhombisa ikhono lakhe emsakazweni womphakathi wangakubo, iVibe 94.7 ngaphambi kokwenza uhlelo lwasemini kwiGagasi FM phakathi kuka-12 emini no-3 ntambama iNoma Yini.
Lentokazi ishiye phansi kwiGagasi ngoMashi nyakenye seyiyogxila emculweni njengoba seyivumbuka kwiMetro FM.
Omunye umsakazi waseThekwini ohlabene, uSabelo "DJ Sabby" Mtshali, osezosakaza uhlelo lwasekuseni iMetro FM Breakfast, azobambisana khona Kandice "Kandice Kardash" Coulsen ngo-6 ekuseni.
Lensizwa yafika kwiMetro FM izosakaza iMetro FM Top 30 ngaphambi kokuvala isikhala sikaDineo Ranaka kwiThe Bridge.
USabby ujoyina iMetro nje wayesezakhele igama iminyaka elishumi kwiYFM. Umsakazi owaqala ukuzakhela ugazi kwiGagasi FM uSiya Mhlongo, usezoncelisa amawele.
Uzokwenza uhlelo lwangezintathakusa kwiMetro phakathi nezinsuku ngo-3 ekuseni iCommand Your Day bese esakaza kuKhozi FM phakathi nezinsuku ngo-8 ebusuku.
UKhutso Theledi usezosakaza iThe Bridge ngo-9 ekuseni, bese uSomizi Mhlongo ethule isigaba esithi Ask A Man.
KuMhlobo Wenene uLusanda Mbane, obelingisa kwiScandal nakwiMbewu uzosakaza no-Amaza Ntshanga i-123 Pholaz.
UGudlabatshakazi usezongena nohlelo lukamaskandi iLavuth'Ibhayi ngoMgqibelo phakathi kuka-7 no10 ekuseni. U-Okuhle Kezile uzokwenza ezemidlalo kulolu hlelo.