OMASKANDI bakhalise umndeni womsakazi woKhozi FM ongasekho, uBhekabakubo Prince “Beekay” Mchunu ngenkomo kubo eNgwelezane, eMpangeni ngoLwesihlanu.
Phakathi kwabo kubalwa uKhuzani, Thokozani Langa, Saliwa, Cevuzile, Gatsheni, Jumbo nabanye.
USomnandi obehola ithimba lamabhinca uthe bebezobhonga emswanini emndenini nokubonga kuwo ngokubalethela iqhawe ebeliluphethe ngobunyoningco uhlelo lwabo.
NgoMgqibelo kuKhozi FM kuzokhunjulwa impilo kaBeekay, ohlelweni abelenza uSigiya Ngengoma kusukela ngo-9 ekuseni.
Lezi zindaba zimenyezelwe wuLungisani Simelane umsakazi obephethe uhlelo enkonzweni yesikhumbuzo sikaBeekay ebikwaSABC, eThekwini ngoLwesihlanu.
Kule nkonzo izethameli ziduduzwe ngomculo ngabaculi bowokholo okubalwa kubo, uDumi Mkokstad, Thobekile Mkhwanazi, Andile kaMajola noPhindi P.
UBeekay uchazwe njengomuntu obehlakaniphile, emnene, enamahlaya futhi ewukhuthalele umsebenzi wakhe.
Owayenguphrojusa wakhe, uNomfundo Mkhize uncome uBeekay ngokuba yindoda eqotho, engakukhonzile ukweshela abantu besifazane esebenzisana nabo.
Okhulumele abangani, uKwanele Ncalane, uthe ubenekhono lobuholi kangangoba baze bamkhetha ukuba abe wumengameli wenhlangano yabafundi eDUT.
Akade beyibambe nomufi kuSigiya Ngengoma oMdonso Ngcobo, Bingelela Mpanza noSphongo Dladla, bakhulume ngazwi linye lokuthi akekho umuntu obazisa umsebenzi wakhe njengoBeekay kodwa nabo bekhala ngokuhlulwa ukugcina isikhathi.
Phakathi kwabantu ebebezimazise le nkonzo kubalwa uMandla Malakoane, Vicky Masuku, Linda Sibiya, Mu Ngcolosi, Bonga Mpanza nabanye. UBeekay oshonele kubo ngoLwesibili, uzofihlwa emathuneni asekhaya ngeSonto.