UMSAKAZI woKhozi FM, uZimiphi "Zimdollar" Biyela, ugeqe amagula ngokuhlukumezeka emendweni, emsakazweni nakwipolitiki. Ekhuluma kwiFinally Famous TV, uZimdollar (40) uthe uyazisola ngokujaha ukushada esemncane futhi esafunda uGrade 12.
"Mina ngangimncane, umama engikhuza. Ngingathi nje kwakuwukuphapha ngoba ngazikhethela," kusho uZimdollar osakaza uhlelo, iDankie1223 Cafe.
Uthe akukho nokwakumheha endodeni yakhe eyayimshiya ngeminyaka eyisikhombisa.
"Kwakuwukuthi siyathandana nje. Uma bengikhuza ekhaya, ngitshele isithandwa sami, sithi vala izindlebe. Nami ngizivale ngempela. Ngangiyisilima." Uthe wayejatshuliswa ukuthi uyalotsholwa futhi usephatha ifoni, iNokia 3310, esafunda isikole.
Uthe wayedinga umuntu owayengamsakaza ngempama athi "silima, awunamaphupho wena? Uyazi lapho uyakhona?“
“Okubuhlungu kakhulu ngangiyongena esithenjini. Ngathi ngifika emshadweni ngalahlekelwa yingane yami, eyadliswa. Yayikhipha uphoyizeni ngomlomo ngisho seyishonile."
Uthe kuningi abengakusho ngomendo wakhe kodwa uzokugodla ngoba akafuni ukukhuluma ngomuntu engeke akwazi ukuziphendulela.
"Isifundo engasifunda ukuthi umuntu akayeke ukuthatha izinto ngokuphapha ngoba mina owazithatha ngokuphapha, zangibuyela kabuhlungu. Kwaba wukuthi uNkulunkulu unami."
Ube esedlulela emsebenzini, wathi wahlukumezeka kakhulu oKhozini esesakaza uhlelo lukamaskandi kangangoba wacishe wafa njengoba aze waquleka esakaza.
Uthe kunabantu abacabanga ukuthi wabhayiza ngokungena kwipolitiki, abazi ukuthi kwamsiza lokho. "Abazi kwangisiza kanjani ukuphuma emsakazweni ngoba kwase kuphakathi kokufa nokuphila kwami. Ukugula engangiyikhona, okwanqamuka mhlazane ngiyeka emsakazweni, nomsindo owawukhona, wathula. Kwakungathi ngingena emanzini ngiyaphola elangeni elishisa kakhulu.“
Uthe esebuyile wafunda ukuthi oKhozini kusempini nabantu ongazi ukuthi ubangani nabo. Esikhundleni sokuthi abantu basebenze njengethimba ngoba ninenjongo eyodwa kodwa akunjalo.
"Ubone ukuthi usempini bese uyaqala ukuzigada. Nezinto ziyakutshela ngoba mina ngiyiwele, ngiyayizwa imimoya." Uthe umbango oke ubekhona Okhozini akazi ukuthi ngowani.
Uthe wake wagula wagcina esephila ngamaphilisi. Uthe nakwipolitiki, eseyilungu leNFP, wathwala kanzima waze washiya kodwa zamlandela izinto. "Ngingancamela ukufa kunokubuyela kwipolitiki."