Njalo ngoLwesihlanu ebusuku kwiMetro FM kunowesilisa othi uma ebingelela athi ukwenza lokhu kubalaleli “bohlelo oluhamba phambili lwezemidlalo eNingizimu Afrika”.
Lona wesilisa nguPro Philani ongomunye wababamba iqhaza ohlelweni iSports Night Amplified with Andile Ncube olungena njalo ngo-6 kuya ku-7 ebusuku ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu.
Ngingacishe ngimvumele ngokuthi uhlelo lwabo lukwezemidlalo ezihamba phambili eNingizimu Afrika.
Ngikusho lokhu ngoba luhlabahlosile ngezihloko nangezimenywa ezisuke zikhona zikhuluma ngezithinta ezemidlalo.
No-Andile, obuye ateketiswe ngoMa-Ah, njengomethuli walo uyakwazi ukusitholela izimpendulo esisuke sizidinga njengabalaleli.
Luphinde lufundise futhi ngokuba khona kwabantu abafana noVictor Hlungwani owayengunompempe osichazela ngezigameko zangempelasonto ezithinta izinqumo zonompempe aphinde abheke nemithetho.
Kubuye kube khona noMazola Molefe oyintatheli yezemidlalo ofika nemigosi nezindaba ezithinta ezemidlalo.
NgoLwesihlanu, yilapho olungichaza khona ngoba kusuke kushayisana imibono. U-Andile usuke enoPro Philani, owayengumdlali uSiphiwe Mkhonza nomhlaziyi uNadim Lukhele.
Basuke bekhuluma ngezithinta ibhola bebheke imidlalo edlule nezayo ngempelasonto.
U-Andile uqale alande abakwaJabu Stats abafike besho izibalo nomlando othinta amaqembu asuke ebhekwa.
Abahlaziyi babe sebephawula besho imibono yabo ngamaqembu.
Okungichaza ngabo wukuthi babeka bangahlonizi ngokusuke kusemqondweni wabo ngaphandle kukaSiphiwe onokuzwelana neKaizer Chiefs.
UNadim wuye ongichaza kakhulu ngoba uvele akhulume nje noma ngabe awuvumelani nakushoyo kodwa kuyayenza inkulumompikiswano nokuyinto enhle nekushiya ucabanga njengomlaleli.
Ngiyazi ukuqhathanisa noRobert Marawa kuyohlezi kukhona ngoba wathatha uhlelo lwezemidlalo kwiMetro walubeka esicongweni.
Ngokwami nalolu luka-Andile lushaya emhloleni akukho lapho engizwa kushoda khona. UMarawa ngiyakwazi ukumlalela kwiVuma kodwa kugcina kungenzeki ngivele ngivule lolu ngoba ngiyazithola izimenywa nezindaba engidinga ukuzizwa.
Ungangibhalela [email protected], kuFacebook Fanele Bengu noma kuTwitter @FaneleBengu.