KUSUKELA ngoMsombuluko, abalaleli bomsakazo iKaya FM 595 bazozwa okuhlukile njengoba kwethulwe uhlu olusha lwabasakazi nezinhlelo.
USizwe Dhlomo ozoqhubeka nokuyibamba ohlelweni lwasekuseni iSiz the World with Sizwe Dhlomo ngo-06h00 – 09h00 ebambisene noSol Phenduka, Mpho Maboi noMfundo Mabalane. USizwe usenezinyanga ezingu-11 eshayela lolu hlelo kanti kubukeka kuhamba kahle njengoba esahleli.
Izinguquko ezibhekwe ngabaningi ezohlelo lwantambama osekuboshelwe intandokazi yabaningi uGlen Lewis nosomahlaya uSkhumba Hlophe.
Kuzokhumbuleka ukuthi lolu hlelo belushayelwa uSkhumba noThomas Msengana kusukela ngoMeyi wangunyaka odlule, ngokwezinhlelo ezintsha, uThomas usezongena ngoMgqibelo nangeSonto ekuseni phakathi kuka-6 kuya ku-9.
Umphathi omkhulu walesi siteshi uColleen Louw ubonge uSizwe, uSkhumba noThomas ngokuzibamba ziqine ezinhlelweni zasekuseni nantambama.
“Ngithanda ukubonga uSizwe, Thomas noSkhumba ngokungena babambe lezi zinhlelo ngendlela abenze ngayo, ngibonge noGeorge Manyosi ngohlelo lwasebusuku lomculo. Ngiyathemba bazoqhubeka nokwenza umsebenzi oncomekayo ezinhlelweni zabo ezintsha,” kusho uLouw.