IMISAKAZO inokwenza izinto ngendlela efanayo ngize ngizibuze ukuthi ngabe kuwumthetho yini noma iyakopelana nje.
Emisakazweni eminingi uyazi ukuthi uzozwa izindaba uma kuhlangana ihora bese kulandela ezemidlalo.
Kokunye ngike ngizwe sekulokhu kuphindaphinda izindaba ezizodwa zemidlalo, ngingabe ngisazi ukuthi inkinga ikuphi.
Ekuseni uma uvuka uyazizwa izindaba zemidlalo zobekwenzeka ebusuku noma ngayizolo. Uma luqhubeka usuku ulokhu uzwa izindaba ezifanayo futhi, uvele udideke. Kokunye ngike ngiqonde kancane uma kuphinda izindaba ezindala ntambama ngoba mhlawumbe abanye basuke bengazizwanga.
Lapho engiba nenkinga khona wukuthi uma sekulokhu kuphindaphindwa-ke into eyodwa ohlelweni lwantambama – ngo-3, ngo-4 nango-5. Kukhona nje lapho engike ngacasuka khona uLelo Mzaca efunda ezemidlalo kwiRadio 2000 ngasho ngathi nangu esitshela izindaba esizaziyo bo. Akuyena yedwa, nabanye kwezinye iziteshi benza into efanayo.
Okunye okungixakayo wukuthi ntambama eziteshini eziningi kuphinde kube nohlelo lwezemidlalo lapho zisuke sezidingidwa khona ngokudephile. Ngokwami, asikho isidingo sokuphinda izindaba ngoba vele lolu hlelo lusuke luzoba khona futhi othanda ezemidlalo nakanjani uzofuna ukuzwa ukuthi kwenzakalani.
Ezemidlalo azifani nezindaba, zona okuhlale kunezintsha zikhathi zonke. Okunye wukuthi izintatheli zezindaba ziba ziningi kunalezo zemidlalo. Thina singagxeka abasakazi kanti abekho abazobadidiyelela.
Izindaba vele yiyona nto yesibili ethandwa ngumlaleli ngemuva komculo emisakazweni, ngokocwaningo lweBroadcast Research Council of South Africa.
Ezemidlalo ziza ngemuva kwesimo sezulu, izeluleko, ezenkolo, isimo somgwaqo, izindaba zosuku nezindaba zakwamanye amazwe.
Uyabona-ke ukuthi ngale kokuthi imisakazo ilokhu isixina ngezindaba ezizodwa zemidlalo ngemuva kwezindaba, mhlawumbe ingazisho kanye ohlelweni bese kulindwa olwantambama lapho zisuke sezidingidwa kabanzi khona. Esikhaleni sazo kungafakwa umculo, into ethandwa ngabantu noma isimo somgwaqo noma okunye-ke.
Ungangibhalela [email protected], kuTwitter @fanelebengu noma kuFanele Bengu kuFacebook.