NAMHLANJE wusuku olukhulu kubasakazi nabantu abasebenzela imisakazo eyahlukene kusukela kweyomphakathi kuya kwizikhondlakhondla njengoba kuyiWorld Radio Day. Izikhulu zikahulumeni neminyango eyahlukene zilokhu ziyisabalalise njalo imiyalezo yezilokotho ezinhle. UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomsa Dube Ncube, ufisele usuku oluhle lwezokusaza kubo bonke abantu abasebenzela imisakazo eyahlukene kuleli.
Abanye abasakazi bakhumbule izinsuku abangena ngazo emsakazweni nezinhlelo ezashintsha impilo yabo. Intandokazi yoKhozi FM, uDudu LadyD Khoza, naye ungomunye wabasakazi abaphefumulile namhlanje ohlelweni lwakhe, iJabul' ujule, oludidiyelwa ngu-Ayanda Melansi. Lolu hlelo lugabe kakhulu ngezimo zempilo okubalwa ezempilo, ezemfundo, inhlalakahle nokunye okuningi.
"Ngangena ngagxila ngesikhathi umnyango wezempilo uthenga isikhathi, ugqugquzela ukuhlelwa komndeni komama, obaba babengafuni nokuyizwa indaba yayo sekukuningi okukhulunywayo ngayo. Kwabonakala ukuthi ngiyakwazi ukuhlanganisa omama, nabo bathi sekunokuthula noxolo nento okukhulunywa ngayo sebeyayizwa," kusho uLady D.
Ngaphandle kukaLady D, bakhona nabanye abasakazi besifazane abangene emsakazweni kwezwakala okubala kubona uMroza Buthelezi woKhozi FM, Anele Mdoda we-947, Patricia Ntuli weSA FM, Jacinta Ngobese weVuma FM no Njabs Zwane weGagasi FM. Baningi nabenza ezemidlalo, igalelo labo elibonakalayo, okubalwa noNolwazi Machi woKhozi FM.