BEKUNGU-2021 lapho ezinkundleni zokuxhumana kwavela khona izithombe zabasakazi ababesebenzela iSABC phambilini kodwa bengaseyona ingxenye yayo uRobert Marawa, DJ Sbu, Tbo Touch noDJ Fresh. Bonke bahlukana neSABC ngokwahlukana futhi ngezizathu ezihlukene.
Ngesikhathi kuvela isithombe kwasabalala imibiko yokuthi baphezu kwezinhlelo zokuvula isiteshi iFired FM okungacacanga ukuthi kuzoba yigama laso elisemthethweni noma ngelokudlala.
Kuze kube yimanje lokho akwenzekanga.
UDJ Sbu nguye ongikhumbuze ngalesi siteshi ngesikhathi ekhuluma kiYouTube lapho eveze khona ibanga abase belihambile ngezinhlelo.
Uthe kwase kukhona abase bezimisele ngokutshala imali bathathe uhhafu wesiteshi bese kuthi bona babe ngabanikazi bomunye uhhafu.
Kwagcina kungenzekanga ngemuva kokuthi uTbo Touch ebuyele kwiMetro FM ngonyaka odlule lapho ethula khona uhlelo lwakhe lwakudala lwantambama phakathi nesonto.
URobert Marawa ngakolunye uhlangothi ujoyine iVuma FM neRise FM lapho ethula khona uhlelo lwakhe lwezemidlalo. Njengamanje sekwengezwe ne-947 yaseGoli ukuthi uhlelo lusakazwe kuzo zontathu iziteshi kanye kanye.
UDJ Fresh yena uselandele ezinyathelweni zikaDJ Sbu ngokuqala iPodcast yakhe iWaw – What A Week esakaza njalo ngoLwesihlanu kwiYouTube nakwezinye izinkundla.
Noma ngabe iFired FM yagcina ibe yimpumelelo bekungeke kube yiwo wonke umuntu obeyokwazi ukuyizwa.
IYouTube noma abantu beyibuka kodwa kukhona abangakwazi ngenxa yokuswela izinto zokuyivula nokungabi nawo amandla e-data.
Wumsakazo kuphela okwazi ukufinyelela kuwona wonke umuntu ngoba umahhala. Ukuvula umsakazo akuyi ngentando yakho kodwa kumele ufake isicelo enhlanganweni elawula ukusakaza i-Icasa noma kube yiyo uqobo i-Icasa ekhipha izimemo zokuthi abantu bangafaka izicelo.
Nakhona kujwayele ukuthi kube yizicelo zeziteshi zezifunda. Angikaze ngibone kuthiwa kufuneka isicelo sesiteshi esizimele esizosakaza izwe lonke njengezaseSABC.
Lokhu kungenze ngazibuza ukuthi kungani vele singekho isiteshi esizimele somsakazo esisakaza ezifundazweni eziningi.
Kwithelevishini iSABC akuyona yodwa esakazela izwe lonke. Kukhona isiteshi samahhala i-e.tv. Ngo-1986 uKoos Bekker uqale iM-Net esindlondlobale yaba nenqwaba yeziteshi okubalwa kuzo iMzansi Magic nezinye.
Ukwanda kweziteshi kwandise namathuba omsebenzi kubalingisi nabo bonke abantu abasebenza kwithelevishini ngoba ababhekile iSABC kuphela.
Kwabasemsakazweni ayikho enye indlela yokuzwakala izwe lonke uma ungekho eSABC. Mhlawumbe kumele kube nendlela yokuthi kwenziwe ukuze abasakazi esibathandayo uma bengaseyona ingxenye yeSABC siphinde sikwazi futhi ukubezwa nakwezinye izindawo ngale kwama-Podcast.
Ungangibhalela [email protected], kuTwitter @fanelebengu noma kuFacebook Fanele Bengu.