KWALE kancane ukuthi ingavuselelwa inkontileka yomsakazi woKhozi FM, uMandla "Njinji" Magwaza ngesikhathi lesi siteshi silungiselela ukwenza izinguquko eziqale emoyeni ngoMsombuluko.
UNjinji ubeyi-technical producer yohlelo lwasekuseni phakathi nesonto iVuka Afrika Breakfast Show. Ubephinde ethule uhlelo Ukhozi FM Top 20 njalo ngoMgqibelo emini.
Ngemuva kwezinguquko, isikhala sakhe sivalwe ngoBonga "Sphongo" Dladla ohlelweni lwasekuseni yena wasala neTop 40.
Ngokusho kwemithombo ehlukene ngaphakathi esiteshini, kwale kancane inkontileka yakhe ingavuselelwa.
"Kuke kwaba nezinkulumo zokuthi uzothatha uhlelo lwasekuseni manje ngo-Ephreli. Yingakho eze wanikezwa uhlelo lokuhlukanisa unyaka noMroza ngoba kwakuthiwa uzothatha indawo kaSgqemeza. Sezwa kuthiwa izikhulu zemisakazo zashaya phansi ngonyawo kulokhu," kusho umthombo.
Omunye umthombo uthe uncengeliwe ukuze aqhubeke asebenze kulo msakazo.
"Usindile ngokuba nalo lolu hlelo lweTop 20 ngoba ubehamba. Angazi ukuthi kahle isizathu sokukhishwa kwakhe yini," kusho umthombo.
Umkhulumeli weSABC obambile, uMmoni Seapolelo, uthe iSABC ayisoze yakhuluma ngezinkontileka zabasebenzi nabezindaba.
"Izinkontileka futhi ziphakathi komqashi nomsebenzi futhi lolu akulona uhlelo olwenziwa ngokuhlanganyela kodwa ngababili abathintekayo, ngakho izinsolo zokuthi kukhona abanye abasebenzi ababa yingxenye yobudlelwano phakathi komunye umsebenzi nomqashi abubambeki," kusho uMmoni.
Ezinyangeni ezimbili ezedlule, leli phephandaba libike ngokungaboni ngaso linye phakathi kukaNjinji nobengumdidiyeli wohlelo lwasekuseni neTop 20, uBabheke Mthethwa.
Lokhu kwaze kwaholelwa ekutheni bahlukaniswe ngokuthi uBabheke ayofakwa ohlelweni lwantambama phakathi nesonto wakhishwa nakwiTop 20.