KUNGAKAPHELI nasikhathi esingakanani eshiye isiteshi sezindaba seSABC, u-Aldrin Sampear, useshiya emsakazweni iSA FM.
U-Aldrin ushiye isiteshi sakwaSABC esisakaza izindaba ubusuku nemini kuDStv Channel 404, wajoyina esezimbangi iNewzroom Afrika (DStv channel 405) ngenyanga edlule.
Izolo kuqinisekisiwe ukuthi uyashiya kwiSA FM ekupheleni kwesonto, lapho ethula khona uhlelo iBeyond The Headline (BTH) noTumi Nkgopele ngo-3 kuya ku-6 ntambama, ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu.
Esikhaleni sakhe kubuyiswa umakadebona oke waba kwiSA FM phambilini, u-Ashraf Garda, oseshintsha igama lohlelo kwaba yiThe National Pulse.
Uzoqala ngo-Ephreli 1.
U-Aldrin ubonge abaphathi besiteshi ngokumnikeza ithuba.
"Ngiyabonga ethimbeni leBTH elenze saba nohambo olumnandi. Ngihamba ngiyintatheli nomsakazi ongcono futhi ngalokho ngibonga abalaleli nezihambeli zethu abasiphe isikhathi sabo, basiphosela inselelo yokucabanga kakhulu. Ngizoyikhumbula le ndawo futhi ngifisela isiteshi okuhle," kusho u-Aldrin esitatimendeni.
U-Ashraf ubhale ekhasini lakhe ku-X ukuthi ubuyile ngemuva kweminyaka emihlanu. Uthe ubehlale enomuzwa wokuthi kuningi angakuqedile kwiSAFM.
"Ngesikhathi abaphathi bengicela ngivumele phezulu."
Ngaphandle koshintsho, izinhlelo zango-6 kuya ku-6 ntambama phakathi nesonto zizoqhubeka ngokujwayelekile.
Ngo-6 kuya ku-9 ekuseni kuzongena uStephen Grootes, ngo-9 kuya ku-12 emini uCathy Mohlahlana, kuthi ngo-12 kuya ku-1 kube nguSakina Kamwendo, kuthi ngo-1 kuya ku-3 ntambama kube nguBridget Masinga.