IFIHLWA namuhla enye yezingqalabutho zomsakazo iRadio Bantu (osekuwuKhozi FM), uSokesimbone "Sox" Kubheka.
UKubheka (83), odlule emhlabeni ngoMsombuluko, uzongcatshwa emathuneni aseFourways Memorial Cemetery, eRandburg Gauteng emuva kwenkonzo eqhubeka njengamanje eCosmo City Extension 5, eRandburg.
Ngaphandle kokusakaza, uKubheka wabuye wazakhela udumo nangokulingisa emidlalweni yethelevishini, okubalwa kuyo iShaka Zulu (1986), Inkom’ Edla Yodwa (1989), neThe Gift (1991) futhi wazakhela ugazi ngokubhala umdlalo womoya kuRadio Bantu ngo-1967 owawuthi Amaqhud'Ayeqana nowethelevishini owawuthi Hlala Kwabafileyo.
Izindaba zokudlula emhlabeni kwaleli qhawe zidalulwe kuFacebook yindodakazi yalo, uDithuso Monare. Ithe bashaqekile ngokushona kukayise ngenxa yokuthi ubesenomdlandla futhi esakukhuthalele ukuya ejimini eVirgin Active.
Umdidiyeli womculo futhi obemazi kabanzi umufi, uDkt Sipho Sithole, uchaze umufi njengomunye wezingqalabutho ezayibamba insimbi ishisa kuRadio Bantu ngeminyaka yobandlululo.
"USokesimbone, obedume ngelikaSox Kubheka, ngomunye wabasakazi bezinsuku zokuqala nangezikhathi ezinzima ezweni lethu, ababesisiza ukuba sibuke ngamehlo wengqondo ngewayilense ukuba sibuke ukuthi umhlaba usiphatheleni.
"Sasazi amazwi abo kuze kube sengathi sake sabona ubuso babo."
USithole uthe uKubheka wasebenza ngezikhathi zoGuyboy Mpanza, Dabula Chiliza, Koos Hadebe, Hubert Sishi, King Edward "K.E." Masinga, Joshua Mlaba noThetha Masombuka.
"Labo kwakungabasakazi ababeqale basho umbhalo othize 'Nazi izindaba ezibuya ePitoli, kuthiwa angizifunde njengoba zinjalo.' Kwakuyisikhathi lapho babe yalelwa ukuba babize izishoshovu zomzabalabalazo 'ngamaphekulazikhuni.'"
Uthe oKubheka yibo ngamavulandlela akwazi ukuvelela nakweminye imisebenzi futhi bagcina sebengababhali abahlonishwayo bemidlalo eyayingaconsi phansi.
UKubheka wazalelwa eHarrismith, eFree State kodwa wafundisa ezikoleni zaKwaZulu-Natal, kubalwa kuzo iSwayimani High yaseMgungundlovu.
USithole uthe amagalelo kaKubheka yiwo enza kwagcina sekusungulwa isikole esiqanjwe ngawe iSokesimbone High.