Umsakazi woKhozi FM uBheka “Beekay” Mchunu ushone ngoLwesibili ngemuva kokugula isikhathi.
Lokhu kuqinisekiswe wumphathi woKhozi FM, uSbongi Ngcobo, owenze isimemezelo emsakazweni ngoLwesithathu ekuseni.
USbongi, obekhuluma ohlelweni olushayelwa nguSipho Mbatha noMroza Buthelezi, uthe bathole ngoLwesibili ukuthi uBheka akasekho kodwa base bevumelana nomndeni ukuthi bengaqale benze isimemezelo.
“Ngicabanga ukuthi yinto eyaziwayo kakhulu ukuthi uBeekay ubengaphathekile kahle isikhashana, ubebambekile impela. Izolo udlulile emhlabeni,” kusho uSbongi
Uthe bese kunesikhashana uBheka ebambekile. Uveze ukuthi wafika kulo msakazo ngo-2011 lapho enza khona izinhlelo ezahlukene okubalwa kuzo iSibhukuda Kwesimanzonzo, Sithakela Isizwe noSigiya Ngengoma.
“Sithanda ukuthi dudu emndenini nakubalandeli bonke bakhe, abangani nozakwethu khona la ngaphakathi emsakazweni. Kubuhlungu khona akumnandi.”
Uthe ayikho into ebuhlungu njengokuzwa izindaba ezifana nalezi ungalindele nokuyingakho bengamemezelanga ngoLwesibili ngokudlula kukaBheka.
Uveze ukuthi bazowazisa umphakathi ngamalungiselelo enkonzo yesikhumbuzo nomngcwabo.
Uphinde wadlulisa amazwi enduduzo emndenini wowayengumfundi wezindaba kulo msakazo uJoe Maruping oshone ngeSonto.