CHARLES KHUZWAYO
INYANGA yodumo yaseVerulam, uBhongolethu "Dkt Khehlelezi" Mzozo, uthukuthele uyaveva njengoba esola uKhozi FM ngokunqwaha nemali yakhe enguR65 000.
UDkt Khehlelezi, osematheni kulezi zinsuku ngenxa yokuphuma emanzini nesikhwama ebesigcwele imali nangokuxabana noDkt Mabalengwe, ukhala ngokuthi uKhozi limqole le mali ngesikhathi ethenge isikhangiso kulo msakazo.
Uthe ngesikhathi obekufanele angene ngaso uvele umsakazo wanenkinga yezingcingo. "Ngitshelwe ukuthi ngeke ngisahlolela abalaleli emoyeni, okuwumsebenzi engidume ngawo nothandwa ngabantu, engiqale ukuwenza oKhozini kusukela ngo-2015."
Uthe uvaliwe ukuba akhangise kulo msakazo ngenxa yokuba nyamanambana kwesinye sezikhulu zoKhozi esisondelene nomunye wabasebenzi bakulesi siteshi amshele maqede wamshiya kanjalo.
Okhulumela iSABC, ephethe Ukhozi FM, uNksz Gugu Ntuli, uthe akusilo iqiniso ukuthi uKhehlelezi uvaliwe emsakazweni kodwa uyalelwe ukuba angabe esabhulela abalaleli ngoba kuphambene nenqubomgomo yomsakazo esibuyekezwe kabusha.
"Inqubomgomo ayisakwesekeli ukubhulelwa nokubholofidelwa kwabalaleli emoyeni. Umsakazo awukaze nangelilodwa ilanga wavala uDkt Khehlelezi njengoba eqhubeka ekhuluma ngezinkonzo, imisebenzi yakhe nangemikhiqizo yakhe kodwa kufanele ayeke ukuhlolela abalaleli emoyeni."
Mayelana noR65 000 okuthiwa unqwahe noKhozi, uNksz Ntuli, uthe akukho mali uDkt Khehlelezi ayikweletwa yilo msakazo.
"Iqiniso yileli, uDkt Khehlelezi, ube nengxoxo eqale sekudlule kancane isikhathi esihlelelwe. Ube esefaka isikhalazo futhi esisukunyelelwe phezulu yizikhulu zomsakazo, wabe esengezelwa ngesinye isikhathi engxoxweni elandelayo. Usamukelekile ukuba akhulume udaba nomsakazo ngqo," kuphetha uNksz Ntuli.
UDkt Khehlelezi uthe ngamanga aluhlaza cwe ukuthi kunesikhathi abuye wengezelwa ngaso.
"Bakhuluma iphutha. Abakaze bathi bazonginxephezela, bathi nami ngike ngeqe ngale kwesikhathi esisuke sinqunyiwe."
Uthe ubebambe umhlangano ngenkundla yokuxhumana i-Zoom, nezikhulu zoKhozi ezidayisa ngezikhangiso. Eqhuba, uDkt Khehlelezi uthe lolu daba lwemali yakhe ufuna lugcine lufinyelele nakuMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, ngoba uyabona ukuthi ubanjwa inkunzi emini ka bha. Ukhala ngokuthi yena akakaze wathola izincwadi zezikhalazo zivela kubalaleli kodwa uthole incwadi eyodwa ebisayinwe wumphathisiteshi, uSbongi Ngcobo, qhwaba.
Uthe empeleni uyahlukunyezwa oKhozini ngenxa yokuthi wasuke walaxaza omunye wesifazane ayemeshela.
"Uyena lo owenza ngivalelwe ngoba ungubhululu wabaphathi. Ngisazoliveza iqiniso ngalokhu," kuphetha uDkt Khehlelezi obuye wagxibha uKhozi ngenkulumo ayifake ezinkundleni zokuxhumana.