Abasakazi beziteshi ezahlukene sebedlulise imiyalezo yabo njengoba ngoLwesibili kugujwa usuku lwemisakazo emhlabeni jikelele.
Lolu suku lugujwa minyaka yonke ngoFebhuwari 13 kusuka lwagcotshwa yi-United Nations Educational, Scientific and Cultural Organization (Unesco) ngo-2011. Luphinde lwaphasiswa yi-United Nations General Assembly ngo-2013, njengosuku olugujwa umhlaba wonke.
UNgqongqoshe wezokuXhumana kuzwelonke, uMnuz Mondli Gungubele, ubhale ekhasini lakhe ku-X ukuthi bahlonipha abasebenzi beziteshi ezingu-19 ezingaphansi kweSABC. Uthe abazishiyi ngaphansi ezizimele ezingenisa inzuzo nezomphakathi eziwunika ulwazi.
Umsakazi we-East Coast Radio, uDeon Govender, ubhale ukuthi uyajabula ngokujabulisa abantu emoyeni.
Umsakazi we-947, uMo Flava, uthe umsakazo yinto ayithandayo ngempilo yakhe yonke.
"Ngibusisiwe ngokuthi sisendawonye. Sengathi umsakazo ungaqhubeka ube nomthelela omuhle empilweni yezigidi zabantu ezweni nasemhlabeni," kubhala uMo Flava.
Umsakazi weMetro FM, uMpumi Mlambo, uthe akakholwa ukuthi usehlanganisa iminyaka engu-11 esakaza.
Ubonge i-Voice of Wits, Power FM neMetro FM ngokuba nesandla ekukhuleni kwakhe wabe esebonga nabantu ngokumlalela.
"Let me not to the marriage of true minds.."
— Cathy Mohlahlana (@CathyMohlahlana) February 13, 2024
I started listening to SAfm in high school. There are so many people I've looked up to over the years. I'm grateful to walk where they have carved the path. Happy #WorldRadioDay 📻 pic.twitter.com/j7Yu5CRM6B
16 years of airwaves… UJFM…The Ignition with Thando 3-6am On Y… (many other shows in between)…The Thabooty Drive on 5 and 947 Drive with Thando 😍😍😍
— Thando Thabethe (@Thando_Thabethe) February 13, 2024
Happy #WorldRadioDay ♥️ pic.twitter.com/2Ms9byGsXh
This #WorldRadioDay ngiphakamisela ama grootman. Bob Mabena and Fana Khabzela. Legends never die. ✊🏾 pic.twitter.com/k9r39ekoAi
— Bafana Nzimande (@nzimandebafana) February 13, 2024
I can’t believe it’s been 11 years of fun .
— MSAKAZI (@MPUMIMLAMBO_) February 13, 2024
Happy #WorldRadioDay .
S/O to @vowfm , @Powerfm987 and @METROFMSA for contributing to my growth ❤️.
And thank YOUfor listening ❤️. pic.twitter.com/Nbz3d1dK9L