WAMUKELWE ngenhlokomo ngabalaleli beGagasi FM, umlingisi wodumo kuleli, uPearl Thusi njengoba ebeklwebha amapuleti okokuqala kulo msakazo osematheni.
Izindaba zokudlala kukaPearl kwiMidday Connection njalo ngoLwesithathu phakathi kuka-12 no-3 ntambama zidalulwe nguye uPearl futhi zaqinisekiswa yilo msakazo ezinkundleni zokuxhumana.
Yize uPearl ezobe engadlali bukhoma kodwa uzothumela izingoma ezididiyelwe nguye njengoDJ.
Abalaleli abezwe okokuqala i-mix kaPearl kwiGagasi, abawuvalanga umlomo, bebabaza ukuvuthwa kwakhe.
Le ntokazi edabuka KwaNdengezi entshonalanga yeTheku futhi esike yasakaza kwiMetro FM, imemezele sekuzophela unyaka owedlule ukuthi seyizosheba ukulingisa nokwethula izinhlelo nokudijeya.
"Empeleni ngenza umculo," kusho uPearl kwiPodcast kaDJ Fresh iWhat A Week (Waw).
Yize bekungokokuqala kuzwakala izingoma zakhe eziyingxubevange emsakazweni, kodwa udlale okokuqala kwiMakhelwane Festival.
Emuva kokunandisa kulo mcimbi, wabe esebhala ezinkundleni zokuxhumana ukuthi ubehlale ekhathazekile ukuthi iningi labantu lizothini ngalesi sinqumo asithathile sokungena ekudijeyeni emuva kweminyaka ecela eshumini elubalubela ukuveza elinye ikhono.
"Angisenandaba nezinkulumo zabantu. Ngizilolonge kakhulu kwaze kwafika lapho ngingasakwazi ukubekezela. Ngijabule ngoba ngikunqobile ukwesaba ukwahlulelwa ngabantu.
“Ngikhohlwa ukuthi uNkukunkulu kuphela onelungelo lokungahlulela mina," kubhala uPearl owaduma kakhulu esethula iLive Amp kuSABC 1.
Kwenzeka lokhu nje uMacG Mukwevho udalule kwiPodcast and Chill with MacG ngoMsombuluko ukuthi naye iGagasi belimzingela kodwa walichitha.
Ebuzwa oyisikhulu seGagasi FM, uKhulekani Shandu uthe nakuba bengazikhulumi izindaba zabo emithonjeni yezindaba kodwa uyayeshwama indaba yokuthi bebeshela uMacG.