BEKUWUBUNANDI bodwa kwiNyus'iVolume yoKhozi eNquthu Municipal Stadium ngoLwesihlanu. Abalaleli balo msakazo ebebephume ngobuningi babo babheme bakholwa ngenxa yabaculi ebebesina bededelana kule ndumezulu yomcimbi.
Phakathi kwamaciko abenandisa kubalwa uKhuzani, AmaSiblings, Mdolomba Buthelezi, AmaSiblings, AmaDoubles, Jaiva Zimnike, Ngiga, Qondanisa, Ntencane, Imfezemnyama, Fihliskhwele, Sminofu, Mondli Ngcobo, Professor, Fey M, Shende Ledixa, Abafana BakaMgqumeni, Sbo F, DJ Mngadi,DJ Hello M, King Sifiso, Jumbo nabanye.
Abalaleli abagcinanga ngokuzitika ngomculo kodwa babuye bazibonela ngawabo izintandokazi zabasakazi okubalwa kubo uNkosinathi Mshengu, Njinji Magwaza, MC Tshatha Ngobe, Zimdollar Biyela, Dudu Khoza, Lee Hlophe, Irvin Sihlophe, Bingelela Mpanza, Zama Mseleku, Lucky Nkosi, Mafresh, Zeal Dladla, Phindi P, Mdonso Ngcobo, Mroza Wangempela Buthelezi nabanye.
Izithameli zibuye zahlangana namakhansela angaphansi kwalo masipala oholwa yiMeya uCllr Zama Shabalala.
Khonamanjalo kuqalile ukusakaza koKhozi okuyisipesheli okubizwa ngokuthi Siyayijika Lento. Kuqale uZama Mseleku nohlelo olubizwa nge-Akulalwa noZeal ngoluthi Ikhwezi LoKhozi kwathi uLee wasakaza Ulozolo. UNjinji kulindeleke ukuba asakaze uhlelo lukamaskandi, uSigiya Ngengoma.