UMSAKAZI wohlelo lwasekuseni kwiGagasi FM, uFelix Hlophe, ubalise ngomuntu omdlela umona nosabalalisa amampunge ezinkundleni zokuxhumana ngomkakhe, uTracy Smith-Hlophe.
Ngesonto eledlule, kuvele izindaba zokuthi lo somahlaya waseMlaza uhlongoza ukulamanisa umkakhe ngentokazi ebiyishende, u-Ayanda Bhengu. Bese kuyisikhathi eside uFelix no-Ayanda bebonakala ezinkundleni zokuxhumana bedla ezindaweni eziphambili eMhlanga.
Yize uFelix ekuqinisekisile komunye umthombo wezindaba ukuthi nebala uzoshadelwa ngu-Ayanda ngoba uTracy usebagunyazile kodwa esebuzwa yiSolezwe, lo msakazi weThe Uprising ushaye ungqimphothwe, wathi ngamampunge lawa kodwa ubeziphushela uhlelo lwempilo yakhe yangempela.
Ngosuku olulandelayo kube sekuvumbuka abantu ezinkundleni zokuxhumana bethi kuyiqiniso ukuthi uFelix uzothatha unkosikazi wesibili.
Omunye uthe okwenza uFelix afune ukushadelwa ngu-Ayanda ukuthi usuke wathola ukuthi umkakhe umbhangqe nesinye isigansonso.
Eqhuba lo muntu, uthe uFelix wabe esekhethisa umkakhe ukuthi badivose noma athathe omunye unkosikazi. Omunye uthe uTracy uyaphela yisibhaxu kangangoba uFelix wake wamnenebula ngenduku emuva kokuba ephathaphathwe amabele ngomunye wabasakazi abaxoshwa oKhozini.
Labo manalaphangikutshele baze bathi uTracy akakwazi ukumshiya uFelix ngoba uyena omondlayo.
Emuva kokusabala kwala mahebezi kube sekuvuleka intuba yokuba nengenadosi izitinyelele kuFelix, ebizwa nangawo wonke amagama amchukuluza ngomzimba wakhe.
Isolezwe lizamile ukuxhumana noFelix okwesibili ngalezi zinsolo kodwa wangabe esayiphendula imibuzo ebethunyelelwe yona nakuba kuvela kwiWhatsApp ukuthi ifundiwe.
Esezikhulumela yena kuleli sonto, uFelix uthe kunothize ongene kwakhe, wazikhandela amanga ngokuziphatha komkakhe futhi waze wathi uyahlukunyezwa.
"Wangibiza ngomhlukumezi. Angisiye mina umhlukumezi. Ngiwumondli, umvikeli nomthandi."
UFelix uthe lo vovoliyakhipha ube nesibindi sokuzikhandela amanga ngabo, agcine esewakholwa maqede wawasabalalisa. Ube esemqonda ngqo lo muntu okhefuza ngomndeni wakhe.
"Akunankinga ngami kodwa musa ukuhudulela umkami oziphethe kahle ekubeni uzifihlile. Angazi ubangani naye. Ngiyindoda. Ilwa nami. Lwisa mina! Noma ungangibiza ngani. Ngithuke ngenhlamba. Usho ukuthi angifanele wuthando futhi umuntu othandana nami usuke ezifunela imali ngenxa yokuthi impumelelo yami ikumise kabi."
Eqhuba uFelix uthe kuthiwa yena ngoba emubi, izinto ezinhle azimfanele.
"Kuthiwa kufanele ngibukeke ngendlela ethize ukuze ngifanelwe yizinto ezinhle," kuphetha uFelix.