Minyaka yonke uma sekusondele u-Ephreli njengabathandi bemisakazo sisuke sifuna ukwazi ukuthi yiziphi izinguquko ezizokwenziwa ezinhlelweni zeziteshi ezahlukene.
Nakulo nyaka kube ngesifanayo kwenziwa izinguquko eziteshini eziningi yize ezinhlelweni zango-6 ekuseni kuya ku-6 ntambama phakathi nesonto kungabanga nazinguquko ezitheni. Ngibalula zona ngoba yizo ezithathwa njengomgogodla wesiteshi.
Umphathi weGagasi FM, uMinenhle Dlamini ngesikhathi ekhuluma emcimbini wokumenyezelwa kwezinguquko esiteshini sakhe, uthe ukushintshwa kwezinhlelo akulona ijoka elithweswa umuntu oyedwa noma ababili.
Uthe wumsebenzi oqale ngoNovemba noma ngoDisemba nyakenye benza ucwaningo bebheka nokuthi abalaleli babo abawumgogodla wesiteshi yini abayifunayo futhi wobani ababafunayo.
Umphathi wezinhlelo kuKhozi FM uPearl Maseko-Binqose yena ngesikhathi ememezela izinguquko uthe kuba nabakubhekayo ngaphambi kokuzenza.
Uthe uma bebheka ukuthi umsakazi uzokwazi yini ukuqhuba okumele kwenziwe yiSABC ngaphakathi nangaphandle. Okunye wukuthi uzoyinyusa yini inzuzo yesiteshi neSABC.
Nakhona angicabangi ukuthi yinto abayenza uma sekusele amasonto kushaye u-Ephreli.
Ngoba yinto eyenziwa kusanesikhathi, kungaba kuhle ukuthi nabasakazi batshelwe kusanesikhathi ukuthi ngeke besadingeka.
Okungenani uDisemba umuntu kube wukuthi useyazi ukuthi ngo-Ephreli ngeke esaba yingxenye yesiteshi.
Ngaleyo ndlela kuzobanika isikhathi esanele sokuyozama okunye kwezinye izindawo ngoba namanje abasakazi abaningi basanikezwa izinkontileka zonyaka.
Ukunika umsakazi inkontileka yonyaka kusho ukuthi njengesiteshi nihlelela unyaka owodwa kuphela, anibi nalo uhlelo lweminyaka emibili noma emithathu ezayo? Leyo kodwa yingxoxo yangelinye ilanga.
Noma ngabe umsakazi uyazi ukuthi inkontileka iyaphela ngoMashi, kodwa uhlalela ethembeni lokuthi izovuselelwa.
Ngeke ahambe ayongqongqoza kweminye iminyango ebe esasithanda isiteshi asebenza kuso.
Ngeke futhi afike atshele abalapho angqongqoza khona ukuthi usalinde ukuzwa ukuthi abaqashi bakhe bazoyivuselela yini inkontileka yakhe kuqala.
Kungcono atshelwe kusanesikhathi, azilungiselele, kufike u-Ephreli esehlelile.
Lapho uyobe usukwazile ukushayela nezinye iziteshi uzame khona ngoba kuzobe kuyinto eyaziwayo ukuthi nazo zimatasa nokulungiselela isizini entsha.
Akuyena wonke umsakazi oyofana noPenny Ntuli okuzothi uma kuvela ukuthi uyahamba esiteshini, athole esinye ngokushesha.