IZOXAZULULEKA inkinga yabaculi abasala benengekile ngo-2019, ngesikhathi kumiswa umcimbi wezindondo, zeSA Gqom Awards.
Abasunguli bomcimbi bahlangabezana nenkinga eyaholela ekutheni bawumise lungakafiki usuku lokuklonyeliswa kwabaculi, ababevotelwe. Ukumiswa komcimbi kwashiya abaculi abaningi bedidekile, abanye benengekile ngoba abalandeli base beqalile ukubavotela emncintiswaneni.
Phakathi kwabaculi begqom’ abaqokwa kubalwa uTipcee, Busiswa, TNS, Amadada, Dlala Thukzin, DJ Bongz, DJ Cndo, Babes Wodumo nabanye.
Ekhuluma neSolezwe ngeSonto umsunguli weSA Gqom Awards, u-Eugene Mpulo, uthe bazimisele ngokuqhubeka nezinhlelo zomcimbi abazimisa sebephezu kwazo.
Waqhuba wathi izinkinga ezanyakazisa owayeyimeya yeTheku ngo-2019, zingezinye zezizathu ezabaphazamisa ezinhlelweni zabo.
"Yize saphazanyiswa yizinkinga, sizimisele kakhulu manje ngokuqhubeka nomsebenzi ebesesiwuqalile. Kuzokhumbuleka ukuthi kunemikhankaso esasesiphezu kwayo ngenkathi siphazamiseka ngakho-ke sihlele ukuthi siqhubeke nesingakwazanga ukukwenza bese sidlulela emcimbini uqobo. Okwamanje sinezingxoxo nabaxhasi abehlukene kodwa sihlele ukuthi umcimbi ube phakathi kokuqala konyaka ozayo noma ngo-2024," kuchaza u-Eugene.
Eqhuba, uthe njengoba umcimbi wamiswa sekuvotiwe banqume ukuthi kuklonyeliswe abaculi abanqoba ngamavoti abo. Wathi kusemqoka ukuthi abantu bakuleli bazi ukuthi umculo wegqom’ ngeke ushabalale.
Wathi lo mculo uwusiko kubantu baseThekwini, futhi kuningi bona njengabasunguli bezindondo abazimisele ngokukushintsha kuwo.